Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuhlehle umngcwabo abazali bakamufi bebanga isidumbu

Kuhlehle umngcwabo abazali bakamufi bebanga isidumbu

by | 11 February 2025

KUBHUNTSHE umngcwabo abazali bamufi bebanga isidumbu sakhe, nokuze kwagcina kungangcwatshwanga. Lesi sigameko senzeke ngoMgqibelo emathuneni aseWentworth, eThekwini, lapho bekuyogcwatshwa khona uMnu Thulani Gcaba (27), odlule emhlabeni ngemuva kwengozi yemoto eyenzeke eMlazi ngomhlaka 1 kwephezulu.

Ngokuthola kwaleli phephandaba ngabebekhona enkonzweni yomngcwabo kuthiwa kuqale kwabonakala ukuthi kunomdonsiswano ngesikhathi kuqhubeka inkonzo yomngcwabo ehholo lomphakathi esigcemeni sakwa-AA, lapho owomndeni wasohlangothini lwakubo kayise kamufi ethe kakufanele ngabe ungcwatshwa ngumndeni wakoninalume ngoba umufi wayeshilo ukuthi ufisa ukugcwatshwa ngumndeni kayise kwaGcaba, ePort Shepstone.


ILANGA likhulume nabanye abebehambele lo mngcwabo abangawuvali umlomo ngabakubonile.
“Umufi ongowokuzalwa esigcemeni sakwa-M, ngomhlaka 1 kwephezulu wahamba nabangani bakhe beyothenga inyama yokosa bebungaza imoto abesanda kuyithenga. Emotweni bebewu-6, kwashona uThulani nomunye umngane,”kusho lo mthombo. Uthi uThulani ukhuliswe ngumndeni wakwaMasango, njengoba kunguye kuphela kunina futhi ahlukana noyise esemncane.


“Unina kaThulani ube eseqala amalungiselelo omngcwabo, kwavunyelwana ukuthi uzongcwatshwa ngunina. Indaba inqale ukunakala ngosuku lomngcwabo, kwabonakala ukuthi umndeni kayise kawufuni agcwatshwe eThekwini. “kusho lo mthombo. Uthi kuthe sekukhuluma abafowabo kamufi, kwasukuma owesilisa ozalwa nguyise kamufi kwasuka umsindo.
“Owesilisa osukumile ukubeke kwacaca ukuthi bona bebefuna ukuzingcwabela indodana yabo ngoba bethi yazisholo yona ukuthi ifisa ukungcwatshwa kwaGcaba uma idlula emhlabeni,”kusho yena. Uthi kuze kwalekelela amaphoyisa abekhona ngesikhathi lona obekhuluma ekhwela edilika kunina kamufi. Usho lokhu waze waveza ukuthi unama voice note kamufi ezisholo yena ukuthi uma kwenzeka edlula emhlabeni ukufuna ungcwatshwa kubo. Inkonzo iqhubekile yaze yaphele kwayiwa emathuneni eWentworth.


“Sifike khona ngehora lokuqala kodwa size zahamba sekugamenxe elesine kungangcwatshiwe nebhokisi lingehlile emotweni ngoba umbango ubusukwelinye izinga. Kufike abakwaGcaba ngesikhathi sekufanele kwehlishwe ibhokisi bathi babona kunengubo abangayazi emgodini, ngeke ingane yabo ingcwatshwe kulowo mgodi. Kuphinde kwangenelela amaphoyisa athe imindeni yomibili mayiye ehhovisini kuyobuzwa ukuthi ukhona yini oseke wagcwatshwa kulowo mgodi,”kusho yena.
Uthi abakwaGcaba bebeshaya phansi ngonyawo bethi uma kuke kwangcwatshwa nje bazolimba ithuna, bakhiphe indodana yabo baye nayo eSayidi.


“Unina kamufi naye ubeshaya phansi ngonyawo ethi ngeke angayingcwabi indodana yakhe kungukuphela kwayo futhi ebe eyikhulise yedwa. Kuze kwangenelala abazalwane abakhonza nonina kamufi, bemcenga ukuthi makehlise umoyo ayikhulule indodana yakhe, bayithathe ngoba kakukho angakwenza,”kulanda umthombo.
Omunye obekhona kulo mngcwabo uthi kudingeke ukuthi kuhanjwe kusale imoto nesidumbu nabakwaGcaba abebesazama imoto ebeyizolanda ibhokisi nesidumbu sikamufi bahambe naso.


“Kubizwe ingoduso kamufi ukuthi izovalelisa, unina watshelwa ukuthi akamukelekile emgcwabeni wendodana yakhe obekulindeleke ukuthi ube izolo ngeSonto eSayidi. Selokhu ngabakhona bengiqala ukubona into enjengaleyana,”kusho yena.
ILANGA likhulume noNkz Thobile Masango unina kamufi, ovumile ukuthi isigameko senzekile wathi indodana yakhe uyishiye emathuneni ingagcwatshiwe futhi akayanga emngcwabeni wayo obekulindeleke ube izolo ngeSonto.
“Mina ngikwenzile konke obekufanele ngikwenzele indodana yami njengoba nenkonzo yayo ihambe kahle yize noma ike yaba nezihibe. Ngikhethe ukuthi ngiyikhulule, bayithathe singamgcwabi ngoba bekungasekuhle. Kangiyanga emgcwabeni wayo indodana yami,”kusho yena.


Uthi naye kumethusile ukuthi kube namalungu omndeni alwayo uma esengcwaba ngoba bafika bezocela, umndeni wangavuma.
“Kwafika abakakubo kayise kaThulani esasishadile naye sahlukana ngase ngizikhulisela yena. Becele ukuthi bamngcwabe sanqaba ngoba nami benginesifiso sokuzingcwabela ingane yami baphinde futhi bavuma bathi bayakuqonda lokho. Kangazike ukuthi bese kushintsheni,”kusho yena.
Imizamo yeLANGA yokuthola ukuphawula kukayise kamufi izolo ngeSonto kayiphumelela ucingo lwakhe belukhala lodwa lungabanjwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...