Ilanga News
Home 9 Featured 9 UNgqogqoshe uGodongwana nesabelomali

UNgqogqoshe uGodongwana nesabelomali

by | 11 November 2025

NGOLWESITHATHU ntambama uNgqonqgoshe weziNdaba zeMali eNingizimu Afrika, uMnu Enoch Godongwane uzokwethula isabelomali saphakathi nonyaka (mid-term budget).

Kulindeleke ukuba acacise ukuthi iminyango ehlukene kahulumeni, iyisebenzise kanjani imali selokhu kube nesabelomali esikhishwe ngoNhlolanja (February). Kuke kwaba nomsindo ngoNhlolanja ngesikhathi uGodongwana ehlongoza ukwenyusa intela efakwa ezimpahleni, iValue Added Tax (Vat), njengoba amanye amaqembu yize eyingxenye kahulumeni obuswa ngokuhlanganyela, ayekuchitha lokhu.

Kuze kwaphoqeleka ukuthi kube nesinye isimemezelo sesabelomali. Uma kwethulwa isabelomali, iminyango ethinta impilo yabantu ngqo, okungowezeMpilo, owezeMfundo, nowezimpesheni, yiyona evamisa ukuhlomula kakhulu.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...