Ilanga News
Home 9 Featured 9 UNgqogqoshe uGodongwana nesabelomali

UNgqogqoshe uGodongwana nesabelomali

by | 11 November 2025

NGOLWESITHATHU ntambama uNgqonqgoshe weziNdaba zeMali eNingizimu Afrika, uMnu Enoch Godongwane uzokwethula isabelomali saphakathi nonyaka (mid-term budget).

Kulindeleke ukuba acacise ukuthi iminyango ehlukene kahulumeni, iyisebenzise kanjani imali selokhu kube nesabelomali esikhishwe ngoNhlolanja (February). Kuke kwaba nomsindo ngoNhlolanja ngesikhathi uGodongwana ehlongoza ukwenyusa intela efakwa ezimpahleni, iValue Added Tax (Vat), njengoba amanye amaqembu yize eyingxenye kahulumeni obuswa ngokuhlanganyela, ayekuchitha lokhu.

Kuze kwaphoqeleka ukuthi kube nesinye isimemezelo sesabelomali. Uma kwethulwa isabelomali, iminyango ethinta impilo yabantu ngqo, okungowezeMpilo, owezeMfundo, nowezimpesheni, yiyona evamisa ukuhlomula kakhulu.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...