Ilanga News
Home 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho Featured 9 Ubonga ukwesekwa ngamaZayoni ephemba ibhizinisi

Ubonga ukwesekwa ngamaZayoni ephemba ibhizinisi

by | 3 December 2025

NGUSIBONGISENI Ndlovu ongumsiki wengqephu nomnikazi we-IDot Designss.
IZITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE

LUGQAMA ungena egunjini lakhe lokusebenzela uSibongiseni Ndlovu we-IDot Designss, uthando lwezemfashini, kusukela endleleni agqoke ngayo nakwimisiko asebenzela phezu kwayo, ehleli obala.

Le nsizwa yakwa-V, eMlazi, ithi ukuhlala ekhaya ingasebenzi, kwayigqugquzela ukuthi kube nokuthile ekwenzayo.

“Ekhaya kwakunomshini kababekazi owawulokhu uhleli. Ngaqala ngazithungela mina nabasekhaya. Ngasuka lapho ngathungela ibandla lamaZayoni umfaniswano wasesontweni. IZayoni yizona engingathi zaphakamisa umsebenzi wami,” esho.

USibongiseni uthi ngesikhathi esebona ukuthi isandla sesijwayele, ube esecela i-inservice KwaTurn Fashion Designs, okuyilapho efunde khona lonke uhlobo lwemisiko. Ngokubona ithalente analo, uthi bamgqugquzela ukuyofundela ezemfashini.

“Ngenhlanhla ngathola uxhaso lokufunda lwakwaNSFAS, eMfolozi College, eSundumbili, ngafundela iClothing Production,” echaza.

Uthi uqale ibhizinisi ngemali yeNSFAS, eyayisithathe isikhathi ingaphumi, okwakuwu-R12 000, wayisebenzisela ukuthenga umshini wesibili.

“Imali engangirenta ngayo, ngangiyithola kubantu abazonciphisa izimpahla zokugqoka. Ngabuyela eMlazi, sengizoqala ukusebenza khona kuze kube manje,” echaza.

Uthe kuyinselelo ukusebenza ngaphandle kokuthola ukwesekwa.

“Kwesinye isikhathi usetshenziswa ngabantu, bacele ubagqokise ngenhloso yokukumakethela izimpahla ozithungayo, kodwa uthole ukuthi akungeni nelilodwa nje ikilayenti elize nabo,” esho.

Uthi kubalulekile ukuzethemba kulo mkhakha ngoba lokho kukulethela amakilayeni ngoba ebona umsebenzi uzikhulumela wona. Uthi kwesinye isikhathi ikilayenti lifika nesithombe sento eliyifunayo, kepha njengomsiki alichazele ngomsiko ohambelana nesakhiwo somzimba walo.

“Kwabanye akwehli kahle lokho, kodwa-ke ekugcineni nami ngisuke ngivikela isithunzi somsebenzi wami. Uma kugxekwa, kuyokha-lwa nge-designer, hhayi umuntu ogqoke umsiko,” esho.

USibongiseni uthi ufisa ukuba nezindawo zokusebenzela ikakhulu lezo ezinokubukeleka phansi kwezemfashini, okungezasemakhaya.

“Ngifisa nokuthi ngibe ne-fabric print yami, okuyothi uma umuntu eyigqokile, kungabuzwa ukuthi le ndwangu ngekabani, kwaziwe ukuthi ngeyami,” esho.

Le nsizwa ye-IDot, ithi isike yagqokisa osaziwayo okubalwa kubo umlingisi uNelisiwe Sibiya, amawele acula kwiJoyous Celebration u-Anele no-Aneliswa, uPenny Ntuli nomlingisi uGugu Mzobe. Uthi ubukela ikakhulu kuKhosi Nkosi noLufi D.

“Imfashini idinga uthando, ukuzimisela nokuzethemba. Ungakwesabi ukuqaqa umsebenzi owuthungile, akumnandi, kepha kudinga isineke. Uzibekele nezinto ofisa ukuzifeza ekuhambeni kwesikhathi,” ephetha.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...