Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuhlehlisiwe ukulalelwa kwesicelo sebheyili kathishanhloko osolwa ngokubulala umkakhe

Kuhlehlisiwe ukulalelwa kwesicelo sebheyili kathishanhloko osolwa ngokubulala umkakhe

by | 5 August 2025


KULINDELEKE ukuba silalelwe ngoLwesibili oluzayo eNkantolo yeMantshi yaseThekwini isicelo sebheyili kathishanhloko osolwa osolwa ngokubulala unkosikazi wakhe. UMnu Khayelihle Dhlomo ubevele namuhla kule nkantolo, lapho okuvele khona ukuthi umbuso nabammeli basematasa ngokulungiselela izethulo zebheyili.

UDhlomo, ongumshana kasopolitiki oyilungu lePhalamende lakuleli uMnu Sibongiseni Dhlomo, naye obekhona enkantolo, usolwa ngokubulala unkosikazi wakhe owayenguthisha, uNkk Khanyisile Dhlomo, okwatholakala isidumbu sakhe sinamaxeba okugwazwa emzini wabokhe oseMalvern, eThekwini.

Kubikwa ukuthi umsolwa waveza ukuthi umufi uzibulele. Uphenyo lwakamuva luveze ukuthi umsolwa unesandla ekufeni kukankosikazi wakhe, okuholele ekuboshweni kwakhe. Ekhuluma naleli phephandaba uDhlomo, uthi isenzo somshana wakhe sabethusa kodwa bewumndeni, futhi bajabule ngoba sekuseduze iqiniso livele.

“Sadideka ukuthi umuntu angazibulala kanjani ngokuzigwaza amanxeba. Siyabonga ukuthi icala selifike kulesi sigaba esiyindlela ebheke ekutheni kutholakale iqiniso nobulungiswa.

“Njengoba silapha nje, sibambisene nomndeni wakubo kandodakazi (umufi) kwaNduli ngoba sonke sifuna into eyodwa, okuwukutholakala kobulungiswa,” esho.

Ezisematheni

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

INKATHA Freedom Party (IFP) inxuse abavoti ukuba bayethembe njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi nonyaka. Ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela wokhetho, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uthe zinhlanu...

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

ASABAMBE ongenzansi amalungu omphakathi wakwa-V, ezakhiweni eZimeleni, eMlazi, ngowesilisa okuthiwa ushokhwe wugesi washona belungiselela ukuyolala nentombi entsha, ethi ifike endlini yakhe izomqoma. Umndeni kamufi uMnu Philani Mkhungo (36), uthi usele nemibuzo...

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

UMLINGISI wakumabonakude uMenzi Nxumalo uthi kuningi okusadingeka ukuba kwenzelwe abantu abaphila nokukhubazeka ukuze nabo bazibone beyingxenye yomphakathi. Enhlangnweni ayisungulile engenzinzuzo iNokusa Support for Disabled People uthi ibhekela izidingo iphinde futhi...