Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuhlehlisiwe ukunikezelwa kwebhilidi iWestpoint Lodge kuMasipala weTheku

Kuhlehlisiwe ukunikezelwa kwebhilidi iWestpoint Lodge kuMasipala weTheku

by | 16 January 2025

KUGCINE kuhlehlile ukunikezelwa ngokusemthethweni kwebhilidi ‘ebelidliwe’ lika-hulumeni i-Westpoint Lodge, elisemaqweni Vicoria Embarkment, eThekwini, ebelizodluliselwa kuMasipala weTheku nguMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda eKZN namuhla.

Nakuba kuhlelile ukunikezelwa kwalo kodwa uMasipala weTheku ukuqinisekisile ukuthi bonke ababebehleli kulo ngokungemthetho okubalwa kubo nabangabokufika kuleli sebekhishiwe.

Lomasipala uthi ukuhlehla kokunikezelwa kwalo kudalwe ukungaphothulwa kwezinye zezinhlelo ezithile phakathi komnyango nalo mamsipala.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka ophelile uMasipala weTheku noNgqongqoshe weMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda kuzwelonke, uMnu Dean Macpherson wasayina isivumelwano sokuthi sokuthi amanye amabhilidi kahulumeni adliwe ngabokufika alungiswe kabusha abuyiselwe kuMasipala, kuthi lawo onakele kakhulu abhidlizwe.

Lo masipala ngokubambisana noNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli ophethe uMnyango wezokuPhepha koMphakathi, wahola umkhankaso wokugasela kulawa mabhilidi kungazelele muntu, kulawa afana ne-Westpoint Lodge bakhishwa bonke ababehleli kuwo kwabashwa nababenza ubugebengu.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...