Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuhlehlisiwe ukunikezelwa kwebhilidi iWestpoint Lodge kuMasipala weTheku

Kuhlehlisiwe ukunikezelwa kwebhilidi iWestpoint Lodge kuMasipala weTheku

by | 16 January 2025

KUGCINE kuhlehlile ukunikezelwa ngokusemthethweni kwebhilidi ‘ebelidliwe’ lika-hulumeni i-Westpoint Lodge, elisemaqweni Vicoria Embarkment, eThekwini, ebelizodluliselwa kuMasipala weTheku nguMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda eKZN namuhla.

Nakuba kuhlelile ukunikezelwa kwalo kodwa uMasipala weTheku ukuqinisekisile ukuthi bonke ababebehleli kulo ngokungemthetho okubalwa kubo nabangabokufika kuleli sebekhishiwe.

Lomasipala uthi ukuhlehla kokunikezelwa kwalo kudalwe ukungaphothulwa kwezinye zezinhlelo ezithile phakathi komnyango nalo mamsipala.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka ophelile uMasipala weTheku noNgqongqoshe weMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda kuzwelonke, uMnu Dean Macpherson wasayina isivumelwano sokuthi sokuthi amanye amabhilidi kahulumeni adliwe ngabokufika alungiswe kabusha abuyiselwe kuMasipala, kuthi lawo onakele kakhulu abhidlizwe.

Lo masipala ngokubambisana noNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli ophethe uMnyango wezokuPhepha koMphakathi, wahola umkhankaso wokugasela kulawa mabhilidi kungazelele muntu, kulawa afana ne-Westpoint Lodge bakhishwa bonke ababehleli kuwo kwabashwa nababenza ubugebengu.

Ezisematheni

Owokufika udutshulwe wafa ‘bezingela ngokungemthetho’ esiqiwini

Owokufika udutshulwe wafa ‘bezingela ngokungemthetho’ esiqiwini

KUDUTSHULWE abesilisa ababili oyedwa washona bezingela ngokungemthetho esiqiwini iKruger National Park izolo ekuseni. Kubikwa ukuthi laba bangabokufika kuleli. Kuthiwa abaqaphi basesiqiwini bebenza umsebenzi wabo njengenjwayelo, bazithela phezu kwabesilisa abathathu....

Lugujwa ngesikhathi esinzima usuku lwentsha nonyaka

Lugujwa ngesikhathi esinzima usuku lwentsha nonyaka

NGUMNU Paul Mashatile oyisekela likamengameli eNingizimu Afrika. UMGUBHO woSuku lweNtsha kusasa ngoMsombuluko wenzeka ngesikhathi esinzima kubantu abasha, njengoba inqwaba yabo ibhekene nenselelo enkulu yokuswela umsebenzi. Abantu abasha abangasebenzi eNingizimu...

I-MTN iyakuchitha ukuthi i-data ibiza ngokweqile kuleli

I-MTN iyakuchitha ukuthi i-data ibiza ngokweqile kuleli

NGUMNU Charles Molapisi oyisikhulu esiphezulu seMTN. INKAMPANI yezokuxhumana iMTN iyakuchitha ukuthi intengo ye-data imba eqolo eNingizimu Afrika. UMnu Charles Molapisi oyisiCEO yeMTN eNingizimu Afrika, uthi empeleni bayehlisile intengo ye-data. Wenze isibonelo...