Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuhlehliswe icala ummangalelwa ekhishwa yisisu

Kuhlehliswe icala ummangalelwa ekhishwa yisisu

by | 5 May 2025

NGUSFUNDO Bhengu (kwesobunxele) noFreedom Bhengu abangabasolwa kwelokubulawa kwentombazane ena-17.

KUPHAZAMISEKILE ukulalelwa kwecala lokubulawa kwentombazane ena-17 eyatholwa ibulewe kubo eMlazi ummangalelwa ekhala ngokukhishwa isisu.

Kuphoqeleke ukuthi lime isikhathi esingaphezulu kwamahora amabili icala eNkantolo ePhakeme yaseThekwini njengoba ummangalelwa uMnu Sfundo Bhengu ephuthunyiswe esbhedlela ukuyobonana nodokotela, kulandela ukuba ebike ukuthi akaphilile.

USfundo uboshwe noMnu Freedom Bhengu kanti babhekene necala lokubulala u-Aphiwe Ngcobo owayefunda eDurban Girls Secondary, esigamekweni esenzeka ngoNhlaba (May) wangonyaka odlule.

Isisumbu sika-Aphiwe satholwa kubo sinamanxeba okugwazwa. Kulesi sigameko kwebiwa umakhalekhukhwini kamufi nomabonakude wakubo.

Namuhla bekulindeleke ukuba uSfundo, ongumakhelwane kamufi, agibele ebhokisini, athule obakhe ubufakazi njengoba umbuso usuqedile ukubiza abawo. Kuthe sekulindeleke ukuba liqale icala, waveza ukuthi akaphilile kahle njengoba esenezinsuku ekhishwa yisisu.

Ukhale ngokuthi ejele eWestville sekuphele amasonto amabili amanzi engekho, ngakho lawa abalethelwa wona awalungile njengoba ekhishwe yisisu ngemuva kokuwaphuza.

Ijaji libe selikhipha umyalelo wokuba icala liguqe isikhashana aphuthunyiswe esibhedlela ukuze ezobonwa ngudokotela, aqinisekise lokhu akushoyo. Ngemuva kwamahora amabili, kubuye umbiko kadokotela okuqinisekisile ukuthi akalulungele ukuma ebhokisini lofakazi namuhla uSfundo.

Umbiko kadokotela uveze ukuthi bekumele athole i-drip ngoba ubesephelelwe ngamanzi emzimbeni, ngenxa yaso isisu.

Inkantolo ikhiphe umyalelo wokuba ayiswe esibhedlela sasejele ukuze ezothola usizo. Icala libe selihlehliselwa usuku lwakusasa ngoLwesibili, ngethemba lokuthi uzobe eseluleme uSfundo.

Lokhu kakwehlanga kahle kubantu abengaphakathi enkantolo. Indlela ebigcwele ngayo inkantolo, kuze kwaphoqa ukuba amanye amalungu omphakathi akhishelwe ngaphandle.

Ezisematheni

Osomabhizinisi bazotshala u-R124 billion eKZN

Osomabhizinisi bazotshala u-R124 billion eKZN

OSOMABHIZINISI bathembise ukutshala imali engu-R124.5 billion kwaZulu-Natal ngesikhathi benza izethembiso kwingqungquthela, iKZN Investment Conference ebise Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, ngoLwesine. Lezi zindaba zivele kwingqungquthela...

Abahlala emgaqweni bafuna ukuphathiswa okwabantu

Abahlala emgaqweni bafuna ukuphathiswa okwabantu

ABAHLALA emgaqweni bakhala ngokushaywa amaphoyisa kaMasipala weTheku ngisho bengenze lutho uma ebafica belele emgaqweni yize kwaziwa ukuthi abanazo izindawo zokuhlala. Lokhu bakuveze esikhungweni esibabhekelela ngokudla nezinye izidingo iDenis Hurley, eThekwini...