Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Owe-Gospel upholisa amanxeba ngolozolo lwe-albhamu

Owe-Gospel upholisa amanxeba ngolozolo lwe-albhamu

by | 31 March 2026

UHLOSE ukwethula ubufakazi aphinde apholise amanxeba ngomculo wakhe uNqobile Ogle osanda kudedela olozolo lwe-albhamu esihloko sithi Ilizwi Lakhe ephume ngokusemthethweni ngeledlule.

Le ntokazi (26) edabuka eMthwalume ePort Shepstone isanda kuthola ikhaya elisha kwinkampani iSold Out Media ephethwe uXolani Majozi osezakhele igama ngokuphatha abaculi abahlukene.

Ekhuluma neLANGA uveze ukuthi usekulungele ukusabalalisa umculo wakhe kwibalazwe lo mhlaba njengoba efisa umculo wakhe ungagcina ngokuthandwa ngabantu kodwa ubapholise amanxeba uphinde ubakhuthaze futhi ubagqugquzele empilweni.

“Njengomuntu okhulele esontweni yilapho uthando lomculo luqale khona ngajoveka ngawuqonda umculo ikakhulukazi we-gospel. Umculo we-gospel kubantu ufika ngezindlela ezahlukene futhi nabo besezimweni ezithile ngokwempilo. Abanye basuke bedabukile ngakho kumele ubaduduze, abanye besemseni wokubonga uMdali kumele bamdumise ngawo kanti abanye befuna ukukhulekela okuthile kumele umculo ukwazi ukuhambisana nalowo muzwa,” kusho uNqobile oqale ukuzakhela udumo kulo mkhakha ngesikhathi kusabalala enye yezingoma zakhe esihloko sithi Phezukwentaba enkundleni yokuxhumana iTikTok.

Uthi ukusabalala kwale ngoma yathakaselwa ngabaningi yohona okwenze wazibona ukuthi ubizelwe ekuculeni lolu hlobo lomculo.

“Ukuphawula kwabantu bencoma iphimbo lami nangomlayezo ezingomeni yikhona okwenze ngawubuka ngenye indlela lo mculo,” esho.

Uthe ziningi izingoma abantu abazozithakasela ezitholakala kule albhamu asanda kuyikhipha. Kuzona kubalwa esiqalile ukuzwakala nasemsakazweni esihloko sithi Kusenguye uJesu, Pbezukwentaba, Nanto Mthokozisi, Endleleni nezinye.

Uthe njengoba esengenile kulo mkhakha kuningi abantu abangakulindela kuyena njengoba engafuni ngokuzobophezela ekubeni wumculo we-gospel kuphela kodwa ufuna ukusabalala.

“Kodwa igospel yona engizoyiqhakambisa emculweni wami,” kusho le ntokazi esike yanandisa eziteji nabaculi abahlukene.

Utshele ILANGA ukuthi izingoma zakhe nale albhamu sekuyatholakala kuzona zonke izinkundla ezithengisa ngomculo kanti naye uyatholakala kulabo abazimisele ukumqasha ukuzodumisa ezindaweni ezahlukene.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...