
UKHOMISHANA wamaPhoyisa osabambile KwaZulu-Natal, uMajor-General Phumelele Makhoba uthi iTheku, uMgungundlovu neMajuba, yizona zindawo amaphoyisa azogxila kakhulu kuzona, njengoba kuhlelwe imibhikisho emikhulu ezweni lonke ngomhla ka-30 kuNhlangulana (June), ukuphikisana nenkinga yabantu abakuleli ngokungemthetho.
UMajor-General Makhoba, ekhuluma esithangamini sabezindaba eThekwini ngoLwesibili, uthi uphiko lwezobunhloli emaphoyiseni, seluqalile lusebenza umshoshaphansi, ukugwema uthuthuva olungaseludaleke, ngalolu suku.
“Izindawo esezihlonziwe esifundazweni yilezo ebezinabokufika abaningi, abangenamvume yokuba kuleli zwe. EMgungundlovu kusuke isidumo kwabulawa umuntu waseMalawi emijondolo yaseJika Joe, ngoLwesihlanu. EThekwini, kugaselwe izitolo zabokufika, abanye bakhishwa ngendluzula emijondolo abebehlala kuyo.
“Sikhumbuza abantu ukuthi uLwesibili, lomhla ka-30 kuJune, wusuku lokusebenza, ngakho akekho umuntu ozovinjwa ukuthi angayi emsebenzini, esikoleni, noma ebhizinisini lakhe, ngalelo langa. Amaphoyisa azoqapha labo abahlose ukuphendula le mibhikisho, ibe yinto engalawuleki, baqhube ubugebengu.
“Izinhlaka zokuphepha zizoqinisekisa ukuthi imibhikisho, iqhutshwa ngohlelo, njengoba sixhumana nabahleli bayo, sibachazela ukuthi yini elindelekile. Abaphula imigomo yokubhikisha sizobabopha,” esho.
Amaphoyia athi sekuboshwe abaqashi abangu-221, eThekwini, eMgungundlovu, eNewcastle, eMandeni, naKwaDukuza ngokuqasha abantu bakwamanye amazwe, abangenazo izimvume zokuba kuleli.
Inhlangano iGitf of the Givers, eMgungundlovu, ikhiphe amabhasi amathathu, ukuthutha abantu baseMalawi abebekhosele ehholo loMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi, iMayoral Walk. Laba baseMalawi, bathuthelwe eLimpopo, lapho bezolinda khona ngesikhathi kusalungiswa udaba lokuba phindisela ezweni lakubo.
Abanye baseMalawi, ebebekhosele eSherwood Park, eThekwini, bathuthelwe eLindela Repratriation Centre, eGauteng, lapho bezolinda khona kusalungiselwa ukubaphindisela ezweni labo.







