Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kujutshwe uphenyo ngohlelo lwamanzi “olunuka inkohlakalo” eMkhanyakude

Kujutshwe uphenyo ngohlelo lwamanzi “olunuka inkohlakalo” eMkhanyakude

by | 19 November 2024

KUJUTSHWE uphenyo ngohlelo lwamanzi oludle ngaphezu kuka-R151 million, obekufanele kuhlomule kulo imizi engaphezu kuka-2 400 ngaphansi kukaMasipala wesiFunda uMkhanyakude, kodwa kwahlomula ewu-700. UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi (osesithombeni), uveze lokhu ngesikhathi ehambele KwaNondabuya, eJozini, eMkhanyakude ngeSonto. Uthe ngokuthola kwakhe – emuva kokuhambela ku-ward 19, eMkhanyakude – uhlangane nezakhamizi ezingaphezulu kuka-1000, ezikhale ngokuthi kazikaze zihlomule kulolu hlelo.

“Izakhamizi ziveze izingqinamba ezibhekene nazo. Sizophenya ukuze sithole ukuthi kungani kunemiphathathi eminingi kangaka engahlomulanga kulolu hlelo obekumele uhlomule kulona. UMnu Thokozani Mkhwamumbi uze waveza nodaba lokuminza komfanyana oneminyaka ewu-9 endaweni yaKwaShukela,” kusho uMfu Buthelezi.

Ube esethembisa le miphakathi ukuthi kuzokwenziwa uphenyo olunzulu, kutholwe kabanzi ukuthi yenziwani imali okwakumele isebenze kulolu hlelo nokuthi kungani kuhlomula u-30% kuphela.

“Kakwamukelekile nje ukuthi uhlelo olufuze lolu lungawusizi umphakathi, ngakho-ke kumele kutholakale izimpendulo ngokushesha,” kusho yena. Unxuse ukuba kulekelelwe – ngamalungiselelo omngcwabo – umndeni womfana oshonile.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

INHLANGANO yamaBandla ezenkolo, iKwaZulu-Natal Christian Council (KCC), ithi izotshala izingqapheli ezingu 440, ukuqapha ukhetho esifundazweni. Esikhathini esingaphansi kwenyanga, kuzoba kuvotwa kulelizwe ngoba ukhetho loHulumeni baseKhaya, lungomhlaka 4 kuLwezi...

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

KUPHENYWA icala lokushona kwesalukazi esineminyaka engu-72, okutholwe isidumbu saso sesonakele emzini waso, eLovu ngaseManzimtoti. Umufi uNkz Gloria Mashila kusolakala ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili eshonile. Indodana yakhe uMnu Jomo Mashila (44) okusolakala...

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya ngesigameko sokudutshulwa komholi we-African National Congress (ANC), maphakathi neKwaZulu-Natal. UMnu Samora Ndlovu (43), owake waba yiMeya yaseRichmond, waba futhi nguNobhala we-ANC eMoses Mabhida Region (eMgungundlovu), udutshulwe...