Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kujutshwe uphenyo ngohlelo lwamanzi “olunuka inkohlakalo” eMkhanyakude

Kujutshwe uphenyo ngohlelo lwamanzi “olunuka inkohlakalo” eMkhanyakude

by | 19 November 2024

KUJUTSHWE uphenyo ngohlelo lwamanzi oludle ngaphezu kuka-R151 million, obekufanele kuhlomule kulo imizi engaphezu kuka-2 400 ngaphansi kukaMasipala wesiFunda uMkhanyakude, kodwa kwahlomula ewu-700. UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi (osesithombeni), uveze lokhu ngesikhathi ehambele KwaNondabuya, eJozini, eMkhanyakude ngeSonto. Uthe ngokuthola kwakhe – emuva kokuhambela ku-ward 19, eMkhanyakude – uhlangane nezakhamizi ezingaphezulu kuka-1000, ezikhale ngokuthi kazikaze zihlomule kulolu hlelo.

“Izakhamizi ziveze izingqinamba ezibhekene nazo. Sizophenya ukuze sithole ukuthi kungani kunemiphathathi eminingi kangaka engahlomulanga kulolu hlelo obekumele uhlomule kulona. UMnu Thokozani Mkhwamumbi uze waveza nodaba lokuminza komfanyana oneminyaka ewu-9 endaweni yaKwaShukela,” kusho uMfu Buthelezi.

Ube esethembisa le miphakathi ukuthi kuzokwenziwa uphenyo olunzulu, kutholwe kabanzi ukuthi yenziwani imali okwakumele isebenze kulolu hlelo nokuthi kungani kuhlomula u-30% kuphela.

“Kakwamukelekile nje ukuthi uhlelo olufuze lolu lungawusizi umphakathi, ngakho-ke kumele kutholakale izimpendulo ngokushesha,” kusho yena. Unxuse ukuba kulekelelwe – ngamalungiselelo omngcwabo – umndeni womfana oshonile.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...