Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ugonyulule kunina ‘obulale u-Ayabonga wamgqiba’

Ugonyulule kunina ‘obulale u-Ayabonga wamgqiba’

by | 10 January 2025

UNINA kaMnu Mfanafuthi Kunene (37) osolwa ngokubulala uNkz Ayabonga Mjilo (23), uthi bazivulile izandla uma umndeni wesisulu ufisa ukuzogcina amasiko athile lapho kutholwe khona isidumbu sakhe.

ILANGA lihambele eMaotana, kubo kaKunene, ukuyoba nengxoxo ekhethekile noNkk Ntombintombi Kunene, uMaZulu, ngokuboshwa kwendodana yakhe ngempelasonto, ebekwe icala lokubulala, elokuthumba nelokuphazamisa ukusebenza komthetho.

UNkk Kunene, uma ekhuluma uyabonakala ukuthi naye simethusile lesi sigameko njengoba ethi indodana yakhe yiyona ebeyisebenza ibondla bewumndeni futhi ingumfana othulayo.

“Ngisola utshwala noma kunosathane nje omngenile. Mina ngitshelwe nguyena ukuthi kukhona into ezongiphoxa aseyenzile futhi asabayo ukungitshela yona,” esho.

Ubekhuluma ziziqathakela izinyembezi, abuye angqangqazele

Uthi uqale ukubonakala engakhululekile ngoLwesihlanu emini kodwa wangasho ukuthi yini emudlayo.

“Ngimthume esitolo nendodana yakhe ukuba bayongithengela isinkwa okuthe uma bebuya, wafika ngihleli phansi ngoba nami bengicobekile nje, umzimba usinda. Ulale phansi eceleni kwami wabeka ikhanda lakhe emathangeni ami, wathi kukhona afuna ukukukhuluma nami,” esho.

Ekhuluma uNkk Kunene, beziziqathakela izinyembezi, abuye angqangqazele, kubonakala ukuthi kwayena usethukile.

“Ungitshele ukuthi uxabane nowesifazane wamlimaza kodwa wangangitshela ukuthi ube esemshonisaphi. Ngoba bekukade kufone umseshi ecela ukubonana naye ngokunyamalala kwentombazane ethile abasebenza nayo, ngibe sengithi makafonele leyo nombolo ngikhulume nomseshi, ngimtshele lokhu abesengitshele khona,” esho.

Amaphoyisa amtshela ukuthi kawafuni abone sekutatululwa isidumbu

Uthi umfonelile umseshi wamtshela ngakutshelwe yindodana yakhe, bathi makavuke ngoMgqibelo eze emaphoyiseni azobhala isitatimende. Ezintatha ngoMgqibelo uthi bavuswe ngamaphoyisa eshaya izicabha namafasitela, efuna kuvulwe.

“UMfanafuthi benengane yakhe eneminyaka ewu-15 ubudala, bangivusile bathi mangivulele amaphoyisa yena wayongena egunjini lakhe lokulala,” esho.

Uthi amaphoyisa ayithathile indodana yakhe, ahamba nayo, okuthe uma esebuya nayo athi acela yena angabi khona ngoba kawafuni ukuthi abone lokhu abazokwenza.
“Babe sebengithatha bengiyisa esiteshini samaphoyisa ngayohlaliswa khona ngesikhathi yena ekhomba lapho kukhishwe khona intombazane lena ayibulele,” esho ekhala.

Isitamukoko afaka kusona isidumbu singaphezu kwamathuna omndeni

ILANGA lizibonele isitamukoko lapho kuthiwa uKunene ukhombe khona isidumbu sikaNkz Mjilo, esingaphezulu nje kwamathuna akubo.

Uthe uyafisa ukuhlangana nomndeni wakwaMjilo awukhalise, aphinde axolise ngokwenziwe yindodana yakhe kodwa uyesaba.

“Ngibuhlungu kakhulu ngokubehlele, belahlekelwa yingane yabo. Ngiyafisa ukuxoxisana nomndeni wakhe ngixolise noma lokho kungeke kusayibuyisa ingane yabo.

“Ngiphoxeke kakhulu ngokwenziwe yindodana yami osekuthele umndeni wethu ngehlazo. Uma bedinga ukugcina usiko oluthile lapho okutholwe khona isidumbu sendodakazi yabo, izandla zami zivuliwe kodwa ngingafisa ukuba bafike behamba nabomthetho ngoba nami ngiyesaba, kangazi ukuthi ngingababhekelwa ngubani,” esho.

Umsolwa waziwa ngokuba yisoka njengoba enezintombi eziningi nomama bezingane abehlukene

Uthi umsolwa waziwa ngokuba yisoka njengoba enezintombi eziningi futhi ephinde abe nomama bezingane abehlukene.
K

uzokhumbuleka ukuthi uNkz Mjilo wabikwa ukuthi unyamalele ngosuku olwendulela ukhisimusi, kwahlalwa isikhathi eside ungekho umkhondo ngokunyamalala kwakhe.

Kuze kwatholakala i-video yendawo okuthiwa wagcina ukubonakala kuyona lapho okwathiwa wayehamba khona noKunene. Isidumbu sakhe sitholwe ngoMgqibelo. Kusolakala ukuthi baba nengxabano umsolwa wamklinya waze wambulala, wabe esemfaka esitamukokweni.

UKunene uzobuyela enkantolo ngomhla ka-26 kuNhlolanja (February) ngemuva kokwenqaba ibheyili njengoba ebevele enkantolo ngoMsombuluko.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Induna isola u-Dkt Zweli  Mkhize ngokugaqela isikhundla

Induna isola u-Dkt Zweli Mkhize ngokugaqela isikhundla

ISUSE ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana enye yezinduna zezinsizwa kwaMandlakazi, kwaNongoma, uMnu Nkosikhona Ndabandaba, odume ngelikaPhakel'umthakathi. UPhakel'umthakathi onabalandeli abaningi ku-facebook, usole uDkt. Zweli Mkhize, ngokugaqela isikhundla eNdlunkulu...

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

KULINDELEKE ukuba ivele ngoLwesihlanu eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu 'inkabi' esolwa ngosebenzisana nephoyisa lase-siteshini saseMzimkhulu oSayitsheni Ntokozo Mngqithi, obhekene necala lokubulala ingoduso yakhe uSayitsheni Ntombi Mbanjwa, eyayiyiphoyisa khona...