
“UZIXOSHISE okwezinja” izintatheli umfundisi webandla lamaSheshi, i-Anglican Church, ophikweni lwaseSt Augustine Parish of uMlazi, oludume ngokuthi yikwaMdladla, esigcemeni sakwa-V, eMlazi.
Ithimba leLANGA lihambele kuleli pherishi ngemuva kokuthola izikhalo ngokuphatha kukaMfu uThulani Zikhali (osesithombeni), olibhekelele, okuthiwa sekuholele ekuhlukaneni phakathi kwebandla.
ILANGA lithole ngemithombo yalo engaphakathi ebandleni ukuthi izinto zimapeketwane, kangangokuba amanye amalungu aseze akhetha ukulishiya leli bandla eliyikomkhulu lamaSheshi, eMlazi, ayosonta kwamanye amagatsha amancane ngenxa ‘yokuhlukunyezwa’ yizenzo zikaMfu Zikhali.
Phakathi kwezinto akhala ngazo, wukuphatha kwakhe ‘ngesandla sensimbi’, wubuluhlaza nokungabahloniphi abazalwane, wukugxambukela nokungaphathwa ngendlela kwemali yebandla, nokwehluleka ukuxazulula izinkinga zabazalwane ezingaphakathi ebandleni.
Omunye wemithombo yaleli phephandaba, ulilandise ukusuka nokuhlala kwalolu daba. Uthe isimo kasisihle kangangokuba amanye amalungu aleli bandla afake incwadi yesikhalo (ILANGA eliyibonile) kumbhishobhi obhekelele iDiocese yaseNatal, uDkt Nkosinathi Ndwandwe.
“Umfundisi ufike lapha esontweni ekuqaleni konyaka odlule njengoba sekumapeketwane kangaka. Ziningi izigameko ezithinta izikhalo ezibhalelwe umbhishobhi. Ukubalula ezinye zazo, nokuyilapho engikholwa khona ukuthi kwaqala ukonakala, yingesikhathi kuzoba nomcimbi wokuvaleliswa kwabefundisi abathathu, ababephethe kuleli bandla phambilini, lapho kwajutshwa khona amanye amalungu ukuba abhekelele konke okuthinta ukudla.
“La malungu awenza umsebenzi, abuya ayothula umbiko ebandleni owawuthi ukudla okuzodingeka kulo mcimbi kuzobiza u-R17 000, kodwa umfundisi wakhaca kabuhlungu owayethula umbiko phambi komkhandlu webandla, namanye amalungu aqavile, ebika ukuthi udunga ibandla.
“Ngosuku olulandelayo, umfundisi wamemezela ukuthi ukudla komcimbi kuzodinga imali ewu-R50 000, ngale kokwethula umbiko obhalwe phansi, wakhomba nelungu lebandla okwakumele kufakwe kulona le mali, yize lalingeyona ingxenye yababeqokelwe ukwenza lo msebenzi,” kusho umthombo.
Uthi yilapho okwaqala khona ukuba umfundisi asebenzise imali yebandla ezintweni ezingagunyaziwe wumkhandlu. Uveze ukuthi lo mfundisi akagcini ngokusebenzisa imali yebandla, kodwa uyigagula ngenani iminikelo ayiphiwa ngamakholwa, futhi angawuthathi uma lingahlangene inani aligagulile.
Uthi ukuqina kwesandla sakhe, kubonakale ngesikhathi ibandla lishiywa ngonobhala abathathu kusukela efikile. Uthi lab’o’ onobhala bakubeka kwacaca ukuthi kakusebenzeki naye.
“Uma kuyiPhasika, siyaye sihlanganise umnikelo esizowupha umfundisi, lowo mnikelo uyaye usuke othandweni, kawunanani, naye umfundisi uwubona sewethulwa kuye, ephiwa. Kuleli phasika esiphuma kulona, umfundisi wethu wasitshela kusele amasonto ukuthi ufuna umnikelo ube wu-R100 000.
“Ngeshwa kwahlangana u-R40 000 owethulwa kuye, wawenqaba, ethi ngeke awuthathe, amakholwa kumele ahlanganise u-R70 000, owagcina uhanjiswe kuye ekupheleni kukaNhlaba (May). Ngeke ngazi-ke noma u-R30 000 okwagcwaliselwa ngawo wawuthathwe esikhwameni sebandla yini ngoba kasikaze sethulelwe umbiko wemali yebandla,” esho.
ILANGA liwubonile umbhalonyazi (email) owathunyelwa kuMbhishobhi uNdwandwe, owaphendula ngokuthi uwubonile, wacela ukuthunyelelwa namanye amadokodo athinta lolu daba uma ekhona.
“Njengamanje kuyonakala, uMfundisi uZikhali akazixazululi izinkinga zebandla. Sikhuluma nje, ikhwaya ihlukene phakathi, isigungu somama sebandla kasizwani, zonke lezo zinto ngezinye esizifake encwadini esiyibhalele umbhishobhi. Sasimnike izinsuku eziwu-7, zokuba aphendule kulezo zikhalo, kodwa akakwenzanga lokho. Siyafisa alusukumele lolu daba kungaze
konakale kakhulu ebandleni,” esho.
Omunye umthombo waleli phephandaba ukhale ngokuzithela ngabandayo kuka-mbhishobhi omkhulu ekuxazululeni lolu daba. Uthi sebeyihambe yonke imigudu engaphakathi ebandleni yokubikela umbhishobhi, kodwa akakaze aziphendule izikhalo zabo.
ILANGA livakashele uMfu Zikhali epheri-shini eseMlazi, ukuyothola ukuphawula kwakhe ngalolu daba. Wale waphetha ukuphawula, wasukuma, wama ngezinyawo ehhovisi, watshela intatheli ukuba imthumelele i-email enamagama emithombo eyethule udaba.
“Uma leyo email ingenawo amagama, kayikho into engizoyikhuluma nawe. Namanje njengoba ungasho ukuthi ngobani abeze kuwe nalolu daba, nanku umnyango, ngicela ungiphumele, ngizophendula kuphela uma wenze ngale ndlela engithi yenza ngayo,” kusho uZikhali.
ILANGA lithumelele imibuzo uMbhishobhi uNdwandwe, othe udaba luyalandelelwa ngokwebandla.
“Ngicabanga ukuthi ukuphawula ngigxile kulolu daba kuzobe kungeyona indlela efanele njengoba lusabhekisiswa ngokwemigomo yeCanons of the Anglican Church,” esho.







