Sinikwe uqweqwe lukathisha esemeya yaseKing Cetshwayo

140

MTHOBISI SITHOLE

KUPHELILE ukuqagela ngesikhundla semeya kuMasipala wesiFunda King Cetshwayo esivuleke kushiya uMnu Thami Ntuli osengundunankulu waKwaZulu-Natal. UNtuli ubephathe lesi sikhundla kusukela emuva kokhetho lohulumeni basekhaya lwango-2021.

Izolo ngoLwesibili umkhandlu kamasipala uvumelane ngegama likaMnu Skhumbuzo Dlamini (osesithombeni) – obeyibamba, ngethikithi le-IFP, selokhu kuhambe uNtuli – ukuba aqhoqhobale lesi ikhundla ngokusemthethwenioseqokwe ngokusemthethweni. UDlamini uuswa ngozakwabo ngamagalelo akhe kwazise waba yimeya yokuqala ngqa kuMasipala waseNkandla.

UDlamini udabuka KwaChwezi, eNkandla. Ngo-1982 wathola iSecondary Teachers’ Diploma, e-University f Zululand (Unizulu); kwathi ngo-1984 wazuza iBpaEd khona e-Unizulu. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi wathola iziqu ze BEd (Honours) Ongoye ngonyaka ka-1987. Uthole neMasters Degree kwiMathematics e-University of Leeds, e-England. Ube nguthisha ezikoleni eziningi, waba nguthishanhloko waze wasebenza ehhovisi lezemfundo ezingeni lesifunda iKing Cetshwayo ngaphambi kokuba athathe impesheni kwezemfundo.
mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleISadtu ayizisoli ngokulwisa owezemfundo
Next articleUPhosa “uhluba udlubu ekhasini” ngomnikelo kaGadaffi kwi-ANC