Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kukhalwa ngenqwaba ezodilizwa ngokuwa kwenkampani yensimbi i-ArcelorMittal

Kukhalwa ngenqwaba ezodilizwa ngokuwa kwenkampani yensimbi i-ArcelorMittal

by | 7 January 2025

UKUKHATHAZEKA ngengcuphe yokudilizwa kwezinkumbi zezisebenzi zenkampani ekhiqiza insimbi, i-ArcelorMittal, sekunyakazise uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uMfu Musa Zondi, ofuna uhulumeni ungenelele ngokushesha.

Le nkampani imemezele ngoMsombuluko izinhlelo zokuvala ifemu yayo eseNewcastle eKZN, naseVereeniging eGauteng. Zilinganiselwa-3 500 izisebenzi ezingase zilahlekelwe wumsebenzi.

UZondi uthi ngokubuka iqhaza lale nkampani emnothweni waseNewcastle, usethathe isinqumo sokubhalela uMnu Parks Tau, onguNgqongqoshe wezoHwebo, iziMboni, nokuNcintisana kuzwelonke, enxusa ukuba kuqhutshekwe nokuxoxisana ukuze kugwemeke le nhlekelele yokudilizwa kwenqwaba yabantu.

Uthi ukuvalwa kwale femu kuzothikameza imisebenzi engaphezulu kuka-2000 eNewcastle, lokho okuzokhinyabeza nomnotho wendawo.

Uqhube wathi njengoba le nkampani ingenye yeziqashe abantu abaningi eNewcastle, ubukhona bayo bube yinsika yozinzo lwezomnotho isikhathi eside, kweseka inqwaba yezisebenzi futhi kwahlomulisa nabahlinzeki bezimpahla namasevisi (suppliers) basendaweni.

Uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi ukuvalwa kwale nkampani akuzokhinyabeza kuphela umnotho waseNewcastle kodwa kuzokhinyabeza umnotho wesifundazwe sonkana.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...