Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kukhalwa ngenqwaba ezodilizwa ngokuwa kwenkampani yensimbi i-ArcelorMittal

Kukhalwa ngenqwaba ezodilizwa ngokuwa kwenkampani yensimbi i-ArcelorMittal

by | 7 January 2025

UKUKHATHAZEKA ngengcuphe yokudilizwa kwezinkumbi zezisebenzi zenkampani ekhiqiza insimbi, i-ArcelorMittal, sekunyakazise uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uMfu Musa Zondi, ofuna uhulumeni ungenelele ngokushesha.

Le nkampani imemezele ngoMsombuluko izinhlelo zokuvala ifemu yayo eseNewcastle eKZN, naseVereeniging eGauteng. Zilinganiselwa-3 500 izisebenzi ezingase zilahlekelwe wumsebenzi.

UZondi uthi ngokubuka iqhaza lale nkampani emnothweni waseNewcastle, usethathe isinqumo sokubhalela uMnu Parks Tau, onguNgqongqoshe wezoHwebo, iziMboni, nokuNcintisana kuzwelonke, enxusa ukuba kuqhutshekwe nokuxoxisana ukuze kugwemeke le nhlekelele yokudilizwa kwenqwaba yabantu.

Uthi ukuvalwa kwale femu kuzothikameza imisebenzi engaphezulu kuka-2000 eNewcastle, lokho okuzokhinyabeza nomnotho wendawo.

Uqhube wathi njengoba le nkampani ingenye yeziqashe abantu abaningi eNewcastle, ubukhona bayo bube yinsika yozinzo lwezomnotho isikhathi eside, kweseka inqwaba yezisebenzi futhi kwahlomulisa nabahlinzeki bezimpahla namasevisi (suppliers) basendaweni.

Uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi ukuvalwa kwale nkampani akuzokhinyabeza kuphela umnotho waseNewcastle kodwa kuzokhinyabeza umnotho wesifundazwe sonkana.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...