Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kukhona abadlwenguli bezingane nababulali ‘kwabalahlwe’ yiMelika eSwazini

Kukhona abadlwenguli bezingane nababulali ‘kwabalahlwe’ yiMelika eSwazini

by | 16 July 2025


KUKHULU ukukhathazeka kubantu baseSwazini nabaseNingizimu Afrika ngesenzo sikaMengameli wase-United States of America uMnu Donald Trump, sokuthumela emazweni asathuthuka abantu ‘abangadingeki’ ezweni lakhe, ngenhloso yokuphucula ezokuphepha eMelika.

IMelika imemezele ukuthi ifikile kwelaseSwazini ekuqaleni kwaleli sonto indiza ebithwele abantu abebekuleliya zwe ngokungemthetho, kulandela isinqumo seNkantolo ePhakeme yaseMelika mayelana nokuphindiswa emazweni abo kwabokufika.

Ngenyanga edlule inkantolo inqume ukuthi uhulumeni kaTrump usungakwazi ukuthatha abantu bokufika abaseMelika ubayise kwamanye amazwe, ngisho abangadabuki kuwona, ngaphandle kokubanika ithuba lokuhlaziya ubunzima abangabhekana nabo lapho beyiswa khona.

“Le ndiza ibithwele abantu abayingozi kangangoba amazwe abadabuka kuwona abengafuni ukubemukela,” kusho Nkk Tricia McLaughlin okhulumela umnyango wezokuphepha eMelika, ngokombiko weReuters.

Ephawula enkundleni yokuxhumana kuX, uMcLaughlin ubalule abantu abahlanu baseVietnam, eJamaica, eLaos, eCuba naseYemen, athe bagwetshelwe amacala okubalwa kuwona awokudlwengula izingane nawokubulala.

Kuthiwa ukuyiswa kwalaba bantu emazweni asathuthuka kuhambisana nombandela wokuthi ngeke behlukunyezwe noma bajeziswe ngaphandle kwesidingo.


Baphawule kanje abantu enkundleni yokuxhumana iTwitter ngalolu daba:-

@hkmutai: Yini kodwa le engaka engenza iSwazini, noma elinye izwe lase-Afrika livume into enjengalena?

@Jeff_hound: Kuyaziwa ukuthi ngeke bazinze eSwazini. Kuzoba wukwehla nje ebhaniyisi baye kwampunzi edla emini, eMzansi.

@MatumainiCholo: ESwazini akunalutho olungabenza bathande ukuhlala khona, bazoya eNingizimu Afrika ngoba vele kayinamingcele.

@Markosonke1: Kulabo abangazi, iSwazini iseNingizimu Afrika.

@sandilevic: Ngiyisakhamizi saseSwazini, kungani usizonda kangaka Donald Trump?

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...