Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Kukhonye umaskandi koweMetro FM eThekwini

Kukhonye umaskandi koweMetro FM eThekwini

by | 2 December 2025

KUKHONYE umaskandi emcimbini weMetro FM Heatwave obueKings Park Outerfield eThekwini ngoMgqibelo.

Lo mcimbi ubugabe ngezinhlobo ezahlukene zomculo kodwa abaculi bakamaskandi ibona abaphenduke intandokazi kwizinkumbi zabantu abebehambele lo mcimbi obese kunesikhathi ungenzeki eThekwini.

Abaculi bakamaskandi okubalwa kubo Umafikizolo, Limit, Gatsheni, Mdumazi noMthandeni SK bagile izimanga bejabulisa abantu ngezingoma zabo ezithokozelwa ngabaningi kulezi insuku.

Abanye abaculi abajabulise abantu kulo mcimnbi kubalwa uBig Zulu ongene esiteji ehambisana nendodakazi yakhe uNkabikazi bacula ingoma yabo eshisa izikhotha kulezi zinsuku esihloko sithi Lilizela, Usimamane, Zee Nxumalo, Kamo Mphela nabanye.

USparks Bantwana, Sosha noBullistic nakuba bebengekho ohlwini lwabazojabulisa abantu kulo mcimbi kodwa balitholile ithuba kulo mcimbi baqhulula ezinye zezingoma zabo okukhona kuzo nethi Mamasita eyaduma eminyakeni eyedlule.

ODJ bodumo okubalwa kubo uKelvin Momo, Thuli, P, DJ Boonu, Sox, Skillz, Lulo Cafe, Naked DJ, Goldmax nabo kabaphoxanga bejabulisa abantu ngokuklwebha amapuleti.

Kwenzeke okungajwayelekile ngasohlangothini lwqabaphathi bohlelo njengoba umsakazi woKhozi FM uZimdollar ebengomunye wabo eshintshana nalabo beMetro FM okukhona kubona uSomizi Mhlongo, Tbo Touch noLoot Love.

Ezokuphepha beziqinisiwe njengoba abaqaphi bebeqinisekisa ukuthi akekho ofaka isandla semfene kulo mcimbi obugabe ngobumnandi nangengoma.

Ngonyaka ozayo lo msakazo umemezele ukuthi umcimbi wawo wokuklomelisa abaculi weMetro FM Music Awards uzokwenzelwa eThekwini.

Lo mcimbi uzobe ungaqali ukuza eThekwini njengoba uke wenzelwa kuleli dolobha phambilini futhi waba impumelelo.

Ezisematheni

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

YIZITHOMBE ezithwetshulwe kwiVideo yesigameko esenzeka KwaNdengezi, ebonisa umshayeli we-Uber ehlaselwa ngonogada bamatekisi emigwaqweni (patrollers). BAZOBUYELA enkantolo ngoLwesithathu abalisa abathathu abangabaqaphi bamatekisi emgwaqweni (patrolers) abasolwa...

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

NGUMLINGISI uHope Mbhele ngesikhathi enzelwe umemulo. Sikhulume ngembeleko ngokwedlule. Nokho siyichaze njengalokhu seyazeka esikhathini sanamhlanje ngoba singafuni ukuxuba, sizithole sekudidaniseka nomhlonyane owenzelwa ingane yentombazane lapho isithombile. Imbeleko...

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

BAZOKWAKHA uzinzo ngokuhlelwa kwemidlalo yebhola yothisha kwinyunyana ebekade kungabonwa ngaso linye kuyona emuva kwengqungquthela yokukhethwa kobuholi obusha nyakanye. INational Teachers Union (Natu) ihlele imidlalo yothisha mhlaka 25 no 26 kuyona lenyanga...