Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Kukhonye umaskandi koweMetro FM eThekwini

Kukhonye umaskandi koweMetro FM eThekwini

by | 2 December 2025

KUKHONYE umaskandi emcimbini weMetro FM Heatwave obueKings Park Outerfield eThekwini ngoMgqibelo.

Lo mcimbi ubugabe ngezinhlobo ezahlukene zomculo kodwa abaculi bakamaskandi ibona abaphenduke intandokazi kwizinkumbi zabantu abebehambele lo mcimbi obese kunesikhathi ungenzeki eThekwini.

Abaculi bakamaskandi okubalwa kubo Umafikizolo, Limit, Gatsheni, Mdumazi noMthandeni SK bagile izimanga bejabulisa abantu ngezingoma zabo ezithokozelwa ngabaningi kulezi insuku.

Abanye abaculi abajabulise abantu kulo mcimnbi kubalwa uBig Zulu ongene esiteji ehambisana nendodakazi yakhe uNkabikazi bacula ingoma yabo eshisa izikhotha kulezi zinsuku esihloko sithi Lilizela, Usimamane, Zee Nxumalo, Kamo Mphela nabanye.

USparks Bantwana, Sosha noBullistic nakuba bebengekho ohlwini lwabazojabulisa abantu kulo mcimbi kodwa balitholile ithuba kulo mcimbi baqhulula ezinye zezingoma zabo okukhona kuzo nethi Mamasita eyaduma eminyakeni eyedlule.

ODJ bodumo okubalwa kubo uKelvin Momo, Thuli, P, DJ Boonu, Sox, Skillz, Lulo Cafe, Naked DJ, Goldmax nabo kabaphoxanga bejabulisa abantu ngokuklwebha amapuleti.

Kwenzeke okungajwayelekile ngasohlangothini lwqabaphathi bohlelo njengoba umsakazi woKhozi FM uZimdollar ebengomunye wabo eshintshana nalabo beMetro FM okukhona kubona uSomizi Mhlongo, Tbo Touch noLoot Love.

Ezokuphepha beziqinisiwe njengoba abaqaphi bebeqinisekisa ukuthi akekho ofaka isandla semfene kulo mcimbi obugabe ngobumnandi nangengoma.

Ngonyaka ozayo lo msakazo umemezele ukuthi umcimbi wawo wokuklomelisa abaculi weMetro FM Music Awards uzokwenzelwa eThekwini.

Lo mcimbi uzobe ungaqali ukuza eThekwini njengoba uke wenzelwa kuleli dolobha phambilini futhi waba impumelelo.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...