Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kukhunjulwa isigomagoma somzabalazo umama uGertrude Shope

Kukhunjulwa isigomagoma somzabalazo umama uGertrude Shope

by | 24 August 2025

NGUMAMA uGertrude Shope, obehlonishwa ePitoli.

I-ANC Women’s League namuhla ngeSonto ikhumbule enye yezingqalabutho zomzabalazo nomlweli wamalungelo abasifazane, uNkk Gertrude Shope.

UMama uShope, njengoba ubaziwa kanjalo, udlule emhlabeni ngenyanga kaNhlaba (May) kuwona lo nyaka eneminyaka ewu-99. UNkz Naledi Pandor nguyena owethule isifundo ngempilo kaMama uShope.

Uthe ubesekudingisweni kusukela ngo-1966 waze wabuya ngo-1990. Umchaze njengesibani esasikhanyisela abantu besifazane futhi ethembekile kwi-ANC, ekwazi ukwenza umhlahlandlela.

UNkz Pandor uthe umkhumbula ehambele ingqungquthela yabesifazane eNarobi, eKenya, futhi ekhuluma kuzwakale. Ubengumhleli wephephandaba labesifazane iVoice of Women, esekidingisweni.

UMama uShope wazalelwa eGoli ngo-1925, waqeqeshwa waba nguthisha ngaphambi kokungena ezinyunyaneni. Kuthiwa wayengazwani nenkohlakalo futhi engezwani nabaholi abazithwalayo, babukele abanye abantu phansi.

“UMama uShope ngomunye wabahlela imashi yango-1956 yabasifazane, eyaya e-Union Buildings, abesifazane bebhikishela ukuphathiswa amapasi. Wabona ukwehla kwamandla e-ANC, kodwa ayikho into ayengayenza ngoba iminyaka yakhe yayisihamble. Ukuhlonipha uMama uShope, singenza i-ANC ibesemandleni futhi ngo-2029,” kusho uNkz Pandor.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...