Ilanga News
Home 9 Featured 9 Wukwehlulwa yimithetho okusifake enkingeni yabantu bokufika

Wukwehlulwa yimithetho okusifake enkingeni yabantu bokufika

by | 19 November 2024

SAKHA ISIZWE: CALLISTUS NKWANYANA

INKINGA esibhekene nayo ngenxa yabantu bangaphandle kayisuki ngaphandle, kodwa isuka kithina uqobo lwethu. Uma ikhaya lingenamthetho, noma ngubani uyazingenela nje enze umathanda. Akusizi ukugxeka abantu bangaphandle inkinga ibe idalwa yithina. Yithina esigcina abantu abangena ngokungemthetho eNingizimu Afrika – siyabazi futhi ukuthi kabanazo izimvume zokuba seNingizimu Afrika. Siyabazi badayisa izidakamizwa ezindaweni zethu. Kunemithetho yohulumeni basekhaya (By-laws), eqinisekisa ukuthi uma wenza ibhizinisi, ulenza kuphi, kanjani nanini. 

   Le mithetho ilawula nokuthi yini okumele ithengiswe futhi ikusiphi isimo. Kunezindawo ezithengisa utshwala,  zinezi-mvume ezishoyo ukuthi ngobani abathengiselwa utshwala futhi bathengiselwa nini. Into ebuhlungu wukuthi le mithetho iyagcinwa ezindaweni zabamhlophe, kwezabansundu kwenziwa noma kanjani. Njengoba kubhalwa nje, kunezingane eziphazanyiswa wumsindo wezindawo ezidayisa utshwala. 

    Umthetho ukubeka ngokusobala ukuthi abadayisi botshwala kumele benzenjani.    Amaphoyisa ayangena kuzo lezi zindawo ezingekho ngisho emthethweni, kodwa angenzi lutho. Kumele manje indawo edayisa ngotshwala ibe nesaziso esiyibhodi elibonwa yibo bonke abantu ukuthi inemvume yokuthengisa utshwala. 

  Leli bhodi kumele libe nezinombolo zamahhala lapho abanezikhalo ngendawo, bebika khona. Kumele futhi likhombise imininingwane yemvume egunyaza indawo ukuthengisa ngotshwala. Nezitolo kumele zibe nezinto ezikhombisayo ukuthi zidayisa ngokusemthethweni. Imithetho ikhona kodwa kayisetshenziswa. 

   Kufana nomthetho othi makungabhenyelwa lapho kunabantu khona, kangikaze ngibone noyedwa umuntu noma indawo ehlawuliswayo ngoba inabantu ababhema ugwayi esidlangaleni. Izindawo ezidayisa ngotshwala zinesigungu esilawula ababuthengisayo (Liquor board). Le bhodi akumele igcine ngokunikezela ngezimvume zokudayisa utshwala, kumele ihlale iqhamuka nezindlela zokuqinisekisa ukuthi ukuthengiswa kotshwala kakuhlukumezi umphakathi noma isizwe. 

Phela utshwala buyisidakamizwa (drug), kodwa esisemthethweni eNingizimu Afrika. Nakuba busemthethweni, sebudale izinta-ndane, bachitha imizi, baqhatha imindeni, bahlukanisa izithandani, bakha izinkubela, safaka abantu emajele. Emandulo abantu babezibhemela insangu baphuze umqombothi. Kwashaywa imithetho evala insangu, isitshalo esinempilo, esilaphayo, kwavunyelwa utshwala basentshonalanga okuyibo obuqotha isizwe. 

Ngisho abashaya imithetho ezweni babheka entshonalanga nakuba sesakhululeka. Iningi elisephalamende ngabantu abansundu, kodwa babuka ngeso lasentshonalanga. Ingabe imfundo yethu isenza sibe ngamazemtiti? Kangiboni ukuthi imfundo kumele ibe njalo, imfundo kumele ithuthukise esiyikho namagugunqangi ethu, njengamanje sifundela ukuba ngezinye izizwe. Kasihlukile kulaba ababegcoba izimonyo ezibashintsha isikhumba ngoba bezinyeza ngebala elimnyama. Njengamanje sekwagwinywa ngisho amaphilisi abenza babe mhlophe. Ukwehluleka kwemithetho yethu yikhona okusifake enkingeni yabantu bangaphandle  eNingizimu Afrika.

UMnumzane: Callistus Bheki Nkwanyana uneziqu zeMasters in Governance and Political Transformation

Wayengumqondisi eKZN office of the Premier kwiCommunity Partnership and Moral  

Regeneration

Ungumbhali wencwadi ethi: Talking to yourself, the journey to self-discovery. 

Uyatholakala ku: nkwanyana-cb60@gmail.com /0665445466 Ucingo / WhatsApp

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...