Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Kukhunjulwe inkakha yomlingisi kwethulwa ifilimu eqoshelwe eKZN

Kukhunjulwe inkakha yomlingisi kwethulwa ifilimu eqoshelwe eKZN

by | 6 April 2025

KUKHUNJULWE inkakha yomlingisi uConnie Chiume kwethulwa ngokusemthethweni ifilimu eqoshelwe KwaZulu Natal iMeet The Khumalos ezokhonjiswa kuNetflix emcimbini obuseBallito ngoMgqibelo.

Le filimu agabe ngabalingisi asebezakhele igama yethulwe ngomcimbi wekhethelo obuhanjelwe yizicukuthwane zamazinga ahlukene.

Inkakha yomlingisi edlule emhlabeni ngonyaka owedlule sekuyophela unyaka uConnie ungomunye wabalingisi abazobonakala kuyona njengoba kuvela ukuthi ingeyokugcina ayiqophile ngaphambi kokuthi endele kobandayo.

Kulo mcimbi obekukhona izingane zayo le nkakha ikhunjulwe ngemisebenzi yayo njengoba ichazwe njengobewukhonzile lomkhakha futhi ezimisela ngaso sonke isikhathi.

UConnie uvezwe njengomlingisi obengaziphakamisi nakuba ebesemnkantshubomvu kulo mkhakha kanti nangesikhathi kuqoshwa le filimu ukhombise ukuzimisela ngokweqile nakuba eqophe impilo yakhe isiqala ukuba ethe ethe.

Indodana kaConnie i-Itmeleng Chiume ubonge uthando unina asaqhubeka nokulithola kulo mkhakha.

“Siyabonga ukuthi imisebenzi kamama isaqhubeka nokuqhakanjiswa njengobamndeni sizizwa siduduzeka ukuthi ukwenze kwaze kwaba sekugcine abekuthanda impilo yakhe yonke,” kusho u-Itumeleng.

Uthe nakuba kusekusha kusazwela njalo uma kuvela unina kumabonakude kodwa baduduzwa wukubona imisebenzi yakhe emihle.

U-Itumeleng uthe bazoqhubeka nabo njengomndeni ukuhamba ezimfundisweni zakhe futhi bamhloniphe noma engasekho unina.

Le filimu igabe ngabalingisi okubalwa kubo u-Ayanda Borotho, Khanyi Mbau, Siyabonga Shibe, Bonga Dlamini, Jesse Suntele, Khosi Ngema, Amanda Khubone nabanye. Le filimu kulindeleke ukuthi iqale ukukhonjiswa kwiNetflix ngomhla ka-11 kwephezulu.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...