Ilanga News
Home 9 Ezemali 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho 9 Kukhuthazwa ukudla okunomsoco ngosuku lwemakethe eThekwini

Kukhuthazwa ukudla okunomsoco ngosuku lwemakethe eThekwini

by | 16 November 2025

LUHLOSE ukuhlomulisa abalimi abasakhula nokukhuthaza abantu ukuthi badle ukudla okunomsoco usuku lwemakethe olubizwa ngeSoil To Soul Farmers Market Day oluzoba ngomhla ka-30 kwephezulu ePort Natal Maritime Museum Parking eThekwini.

Lolu suku kuzobe kubuthene abalimi abaqhamuka ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal bezothengisa ngemikhiqizo yabo abazitshalele yona.

Kulindeleke abalimi abangaphezulu kuka-20 abazobe bethengisa ngezitshalo ezinomsoco kusukela kwimifino, amadumbe, ubhatata, amaklabishi, izanqanti nezithelo ezahlukene ezitshalwe ngaphandle kokusebenzisa izithako.

UNkz Thandi Dlamini ongumnikazi weThandi’s Fresh Produce eseClairwood futhi ongumhleli walolu suku lwemakethe uthe abantu abazohambela le makethe ngomhla ka-30 kuLwezi bazothola ithuba lokuthenga imikhiqizo ekhiqizwe ngaphandle kwezithako kodwa okusetshenziswe imvelo ukuyikhiqiza.

“Siphila esikhathini lapho kumele sibuyele emasisweni ngendlela yokudla esikudlayo. Isikhathi esiphila kusona abantu bahaqeka kalula izifo ezahlukene ngenxa yokudla okunezithako ezisetshenziswayo ezitshalweni zethu. Ngakhi ukuba kule makethe bazothola ukudla okukhiqizwe ngemvelo okunomsoco nempilo,” kusho uNkz Dlamini.

Uthe abantu bazophiphe bathole nezitshalo zemvelo zokwelapha ezingakwazi ukubasiza bagweme izifo ezithile futhi balapheke uma sebehaqekile.

UNkz Dlamini uthe inhloso yalolu suku wukukhuthaza abantu ukuba bazijwayeze ukudla izitshalo zemvelo ezinempilo nomsoco.

“Ukudla ngendlela efanele kungaba nomthelela ukuphila isikhathi eside futhi ukwazi ukungangenwa yizifo kalua,” esho.

Uphinde waveza ukuthi okunye okumqoka wukunikeza abalimi abasakhula ithuba lokuthi bakwazi ukuhlangana namakhasimende bahlomule futhi bathuthuke.

“Lona akubanga wunyaka olula kubalimi njengoba behlangabezane nezingqinamba ezahlukne ikakhulukazi ezithinta isimo sezulu esingabavunanga neze.

Abalimi abasakhula ibona abashayeke kakhulu njengoba bengakwazanga ukuhlomula ngendlela efanele,” kusho uNkz Dlamini.

Uthe okuhle ngokuba kule makethe kuzobe kukhona nabezitolo ezinkulu abazokwazi ukuthi bakhe ubudlelwano nabo ukuze bathuthuke kwezamabhizinisi.

Unxuse abantu ukuba baphume ngobuningi njengoba kuzobe kungenwa mahhala kanti okunye wukuthi bangakwazi ukuza nemindeni yabo okuhlanganisa nezingane njengoba izobe ikhona indawo ezibekelwe yona ukuzithokozisa ephephile.

“Nezitolo ezizobe zidayisa ukudla okunempilo zizobe zikhona ngaphakathi kanjalo neziphuzo ezinomsoco,” ephetha.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...