Ilanga News
Home 9 Ezemali 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho 9 Ubuchwepheshe bumqoka ekuvuseleleni umsebenzi kahulumeni

Ubuchwepheshe bumqoka ekuvuseleleni umsebenzi kahulumeni

by | 17 April 2025

EZOMNOTHO: BUSI MAVUSO

LABO bethu abasemabhizinisini bayazi ukuthi ubuchwepheshe bumqoka kanjani ukuze uncintisane kahle nobanga nabo. Ngaphandle kwakho ngeke ukwazi ukunika amakhasimende akufunayo. Kunjalo nje nasekusebenzeni kahle kukahulumeni. Ubuchwepheshe benza uhulumeni uhlinzeke umphakathi ngezidingo zawo futhi usebenze kahle.


Emizamweni yokwakha uhulumeni osebenza kahle, ubuchwepheshe kufanele bube neqhaza elikhulu. ImiNyango kusukela kowaseKhaya kuya kowamaPhoyisa, isitshengisile ukuthi kusiza kanjani ukuphucula ubuchwepheshe endleleni eyenza futhi esheshisa ngayo imsebenzi yawo. Kodwa kukhona into engqinda amandla kahulumeni okukwazi ukusebenzisa ubuchwepheshe, okuyinkampani kahulumeni, iState Information Technology Agency (Sita).


Ukukwazi kukahulumeni ukwamukela futhi ukusebenza nochwepheshe abahamba phambili emhlabeni kubalulekile kakhulu ukuthi kungenziwa ibhola lomnqakiswano wepolitiki. Yize kunjalo, kodwa ngeshwa imizamo yokuguqula iSita isiyibhola lomnqakiswano ezinhlanganweni zepolitiki. Iziphakamiso ezenziwe nguNgqongqoshe wokuXhumana nobuChwepheshe uMnu uSolly Malatsi, zokushintsha imithetho ukuze iminyango nezikhungo zikahulumeni zikwazi ukuziqokela ongoti bobuchwepheshe ezizosebenzisana nabo esikhundleni sokuphoqwa ukusebenzisa iSita, zihlabe zahlikizwa ngamalungu ePhalamende. Lokhu kwenzeke yize le mithetho yesekwa ngongqongqoshe bakahulumeni wobumbano.


ISita ikhungethwe yizinkinga ezifana nezinsolo zenkohlakalo, ukungaphathwa ngendlela, yizinkinga zobuholi, yindlela yokuthenga izimpahla eshintsha njalo, kanjalo nenqwaba yezikhalo eziqhamuka eminyangweni kahulumeni ngendlela eyenza ngayo umsebenzi. Amalungu ephalamende ayakwazi lokhu ngoba lezi zinto zaqhamuka embikweni weKomidi lePhalamende lezokuXhumana nobuChwepheshe owashicilelwa ngoZibandlela (December) ngonyaka odlule.


Kucacile ukuthi kungani kufanele iminyango kahulumeni ikwazi ukuzikhethela abantu abazoyihlinzeka ngezobuchwepheshe ngqo. Lezi ziphakamiso zinemibandela ecacile ngendlela okufanele ilandelwe yiminyango uma izosebenzisa ezinye izinkampani ngale kweSita, okufaka ukuthi kufanele kube nesizathu esibambekayo. Kade iminyango yayicela ukwenza lokhu, ikhala ngokubanjezelwa yiSita kanjalo nezindleko ezihambisana nokungawenzi kahle umsebenzi.


Kunesibonelo esihle sokuthi yini eyenzekayo uma izikhungo zikahulumeni zidedelwa zizilawulele ezobuchwepheshe. Uphiko oluqoqa intela, iSouth African Revenue Service (iSars), luyisibonelo esihle. Namhlanje iSars ivelele emhlabeni jikelele ngokuba nobuchwepheshe bokuqoqa intela obusebenza kahle. Kuthatha imizuzwana ukuthi abakhokhibentela bathole imiphumela yokucwaninga imininingwane yabo kanti nemali ikhokhwa ngokushesha. Amazwe asathuthuka nasethuthukile ayayicwaninga ukuthekela ulwazi kuyo.


Ukukwazi kweSars ukuzikhethela ongoti bezobuchwepheshe ezosebenzisana nabo kunesandla esikhulu kulokho. ISars iyakwazi ukukwenza lokhu ngoba ithathwa njengebhizinisi likahulumeni, nokusho ukuthi ayiphoqelekile ukulandela ukusebenzisa iSita.


UMnyango wezaseKhaya usukhale kakhulu ngokuthi kunamphumela muni ukungasebenzi kahle kobuchwepheshe emsebenzini wawo kuhulumeni obusayo nalowo omdala. ISars iyisibonelo sokuthi yini engenzeka futhi ziningi ezinye izikhungo zikahulumeni ezimagange ukusika iphethini kuyo. Ngikhathazekile ngokuthi umNyango wezaseKhaya uzokwazi yini ukuyenza imisebenzi emqoka okufanele uyenze ngalobu buchwepheshe ebusebenzisayo.
Imizamo yokwakha uhulumeni osebenza kahle izoba yizeleze uma singenabo ubuchwepheshe bokuseka lowo msebenzi. Njengoba usho nomqulu iNational Development Plan, uhulumeni osebenza kahle “udinga ubuholi, imigomo ephusile, izimenenja ezinamakhono nezisebenzi, izindlela ezicacile zokubika, izinto ezisebenza kahle, kanjalo nokusebenza nokulandela imithetho ngaso sonke isikhathi”.


Ubuchwepheshe obusebenza kahle bumqoka. Ukuvumela iminyango ukuthi yengamele ubuchwepheshe bayo yigxathu elimqoka kulokhu. Kodwa futhi kufanele siqinisekise ukuthi nayo iSita isebenza kahle futhi iyakwazi ukuncintisana nalabo okuzokhethwa kubona ukuthi bahlinzeke uhulumeni. Ukuvumela iminyango ikwazi ukukhetha phakathi kweSita nezinye izinkampani kuzofaka ingcindezi yokuncintisana, ezokwenza iSita ifune ukulungisa izinkinga zayo zobuholi nenkohlakalo.
Ubuchwepheshe buyashesha ukushintsha. I-artificial intelligence, iblockchain, amaziko obuchwepheshe omnotho, ukuthuthukisa ingqalasizinda yobuchwepheshe nokunye kushintsha indlela amabhizinisi asebenza ngayo. Konke lokhu kuletha amathuba kuhulumeni ukuqhamuka nezinto ezintsha, nokuphucula indlela osebenza ngayo.


Ukuhambisana nemizamo yokuphucula indlela uhulumeni asebenza ngayo, kufanele sivumele izisebenzi zikahulumeni ukuthi zikwazi ukuthola ubuchwepheshe obuhamba phambili ukweseka umsebenzi wazo. Akufanele lokhu kuphazanyiswe yizinhloso zepolitiki. Sidinga indlela entsha futhi esebenzayo yokufukula uhulumeni ukuze ube nezindlela ezifanele zokusebenza.

  • UNkz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...