USEKELA-NGQONGQOSHE wezokuThutha kuzwelonke, uMnu Mkhuleko Hlengwa, uhlangane nezimeya kuMasipala wesiFunda uMkhanyakude, uMnu Sphile Mdaka, iMeya kaMasipala Inkosi uMtutubatuba, uMnu Mxolisi Mthethwa, noNkk Sibongile Shezi onguSomlomo lwalo masipala, namaphoyisa ukuyoqhuba umkhankaso wezokuphepha eMtubatuba.
Bavimbe izimoto emgwaqweni uN2, bebheka ukuthi ziyilandela ngokufanele yini imithetho. Kuzokhumbuleka ukuthi njengoba sekubhekwe kuKhisimuzi nje, mkhulu umthamo wezimoto emigwaqweni njengoba abantu belibangise emakhaya.
Kulindeleke ukuthi zithi chithi saka izivimbamgwaqo ezingxenyeni eziningi zezwe, ukuqikelela ukuphepha nokulandelwa komthetho emigwaqweni.
UMthethwa uthe kubajabulisile ukuthi uHlengwa ahambele indawo yaseMtubatuba, aphinde akwazi nokuyala abashayeli ngokungahlanganisi uphuzo oludakayo nokuba semgaqweni.
UHlengwa wexwayise abashayeli ngokungabi semotweni bephuzile, wathi labo asebephuzile mbangabe besayithinta imoto, okungenani mababe ngamaphasenja.