Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

by | 23 August 2026

UMBHISHOBHI Sandile Ndlela, webandla iMethodist Church eNtuzuma, ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe uMkhonto weSizwe Party (MKP) athi uphethe iNational Religious Desk kulona, njengoba esanda kushiselwa umuzi.

Uthi njengoba bekunomoya omkhulu izolo ngoMgqibelo, kuphinde kwawa isihlahla sawela phezu umuzi wakhe.

“Okubuhlungu yimina okwiNational Religious Desk yeMK Party. Selokhu ngenhlelwe yilesi sigameko, akekho oseke wafika ukuzongibheka kodwa ngiyasho ukuthi nginenkinga. Selokhu ngishelwe wumuzi emasontweni amabili edlule, akukaze kufike muntu weMKP ukuzongibheka.

“Ngisho nasesifundeni sami akekho ovelayo. Kumanje kuwele isihlahla emzini wami ngenxa yomoya. Ngisaba nokubika ngoba angazi ukuthi ukhona yini ozolusukumela udaba lwami. Ngesikhathi kusha umuzi kwalimala izingane ezimbili, futhi nginovalo ngoba angazi ukuthi ngubani lo owenza lokhu,” esho.

UNdlela nguyena ohlala ematasa ngokuhlela uma kukhona izinto ezidinga umkhuleko kwiMK Party. Okhulumela uMkhonto weSizwe, uMnu Sfiso Mahlangu, uthe bayabonga ngokuzinikela kukaMbhishobhi uNdlela ekusebenzeleni iqembu, futhi akalilahlile ngisho sekukhona nabamesabisayo.

“Ezikhathini eziningi ulokhu emile ekuvikeleni iqembu noma kunzima. Nokushiswa komuzi wakhe sikholwa wwukuthi kungenxa yakho ukusebenzela iqembu nokungasabi ukuphumela obala uma kunenkinga. Ukuzinikela kwakhe kwiMKP ngokomsebenzi wakhe akuyona into esingayidalula kwabezindaba okwamanje. Siyabubonga ubuntu bakhe futhi uzonikwa ithuba lokuthi enze umsebenzi wakhe ngokugcwele emva kokhetho lohulumeni basekhaya olungoNovember 4,” esho.

Ezisematheni

“Uma ningavoti azobuya amasela”

“Uma ningavoti azobuya amasela”

UMHOLI nomsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi abantu abaphume ngobuningi babo, bayovota ngoLwesithathu, lomhlaka 4 kuLwezi (November). Uthi, uma abantu bengavoti, amasela nezikhohlakali, bazoqhubeka babesemandleni. Amalungu eMarch and March,...

Bayavela enkantolo abasolwa ngokubulala uDj Warras

Bayavela enkantolo abasolwa ngokubulala uDj Warras

IZITHANDANI ezibhekene necala lokubulala uDJ Warras, waseVryheid, zivela namuhla enkantolo, eGoli. UVictor Majola, uHlengiwe Buthelezi, noArmando Pacula, kuthiwa babephambili ekuhleleni nasekusocongweni kwalo DJ. Ngaphandle kokuba nguDJ, uWarras ubenenkampani yonogada...