
UMBHISHOBHI Sandile Ndlela, webandla iMethodist Church eNtuzuma, ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe uMkhonto weSizwe Party (MKP) athi uphethe iNational Religious Desk kulona, njengoba esanda kushiselwa umuzi.
Uthi njengoba bekunomoya omkhulu izolo ngoMgqibelo, kuphinde kwawa isihlahla sawela phezu umuzi wakhe.
“Okubuhlungu yimina okwiNational Religious Desk yeMK Party. Selokhu ngenhlelwe yilesi sigameko, akekho oseke wafika ukuzongibheka kodwa ngiyasho ukuthi nginenkinga. Selokhu ngishelwe wumuzi emasontweni amabili edlule, akukaze kufike muntu weMKP ukuzongibheka.
“Ngisho nasesifundeni sami akekho ovelayo. Kumanje kuwele isihlahla emzini wami ngenxa yomoya. Ngisaba nokubika ngoba angazi ukuthi ukhona yini ozolusukumela udaba lwami. Ngesikhathi kusha umuzi kwalimala izingane ezimbili, futhi nginovalo ngoba angazi ukuthi ngubani lo owenza lokhu,” esho.
UNdlela nguyena ohlala ematasa ngokuhlela uma kukhona izinto ezidinga umkhuleko kwiMK Party. Okhulumela uMkhonto weSizwe, uMnu Sfiso Mahlangu, uthe bayabonga ngokuzinikela kukaMbhishobhi uNdlela ekusebenzeleni iqembu, futhi akalilahlile ngisho sekukhona nabamesabisayo.
“Ezikhathini eziningi ulokhu emile ekuvikeleni iqembu noma kunzima. Nokushiswa komuzi wakhe sikholwa wwukuthi kungenxa yakho ukusebenzela iqembu nokungasabi ukuphumela obala uma kunenkinga. Ukuzinikela kwakhe kwiMKP ngokomsebenzi wakhe akuyona into esingayidalula kwabezindaba okwamanje. Siyabubonga ubuntu bakhe futhi uzonikwa ithuba lokuthi enze umsebenzi wakhe ngokugcwele emva kokhetho lohulumeni basekhaya olungoNovember 4,” esho.







