Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kukhuzwa isihlava samadoda akhulelisa izingane

Kukhuzwa isihlava samadoda akhulelisa izingane

by | 30 May 2026

IKHUZE isihlava samadoda akhulelisa izingane ezineminyaka esuka ku-10 kuya ku-19 iMeya kaMasipala wesiFunda uMkhanyakude, uMnu Siphile Mdaka. UMdaka ukhuze lokhu ngesikhathi kuqhubeka imbizo yamadoda ebeyibanjwe ehholo komphakathi iLulwane, kwaSkhemelele, kwaMhlabuyalingana, ngoLwesihlanu. Uthi ucwaningo luveza ukuthi indawo yakwaMhlabuyalingana ingenye yezindawo ezihamba phambili ngokukhulelwa kwezingane.


“Ucwaningo lwakamuva luveza ukuthi lapha kwaMhlabuyalingana abalelwa ku-288 amantombazane aneminyaka ewu-19 kuyaphansi. Awu 59 kulesi sibalo aphakathi kweminyaka ewu-10 kuya ku-13. Siyanxusa ukuthi amadoda endawo ahlangane axoxe ngalezi zinkinga bese avulele amacala abesilisa abakhulelisa izingane,” esho.


Kuyo lembizo amadoda nezihambeli eziphuma ezinhlakeni ezehlukene acobelelane ngolwazi lokuziphatha nokuvikela umphakathi wonkana. Ukuza kwale mbizo kule ndawo kulandela isigameko sangasekuqaleni konyaka lapho okwahlaselwa khona, kwagencwa kwabulawa izingane zakwaKhumalo ezintathu ezaziphakathi kweminyaka ewu 5 no15.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...