Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kukhuzwa isihlava samadoda akhulelisa izingane

Kukhuzwa isihlava samadoda akhulelisa izingane

by | 30 May 2026

IKHUZE isihlava samadoda akhulelisa izingane ezineminyaka esuka ku-10 kuya ku-19 iMeya kaMasipala wesiFunda uMkhanyakude, uMnu Siphile Mdaka. UMdaka ukhuze lokhu ngesikhathi kuqhubeka imbizo yamadoda ebeyibanjwe ehholo komphakathi iLulwane, kwaSkhemelele, kwaMhlabuyalingana, ngoLwesihlanu. Uthi ucwaningo luveza ukuthi indawo yakwaMhlabuyalingana ingenye yezindawo ezihamba phambili ngokukhulelwa kwezingane.


“Ucwaningo lwakamuva luveza ukuthi lapha kwaMhlabuyalingana abalelwa ku-288 amantombazane aneminyaka ewu-19 kuyaphansi. Awu 59 kulesi sibalo aphakathi kweminyaka ewu-10 kuya ku-13. Siyanxusa ukuthi amadoda endawo ahlangane axoxe ngalezi zinkinga bese avulele amacala abesilisa abakhulelisa izingane,” esho.


Kuyo lembizo amadoda nezihambeli eziphuma ezinhlakeni ezehlukene acobelelane ngolwazi lokuziphatha nokuvikela umphakathi wonkana. Ukuza kwale mbizo kule ndawo kulandela isigameko sangasekuqaleni konyaka lapho okwahlaselwa khona, kwagencwa kwabulawa izingane zakwaKhumalo ezintathu ezaziphakathi kweminyaka ewu 5 no15.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...