Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Kulindeleke iphume ekupheleni kwenyanga eyeGucci

Kulindeleke iphume ekupheleni kwenyanga eyeGucci

by | 19 November 2024

NONHLAKANIPHO SHINGA

KULINDELEKE ukuba iphume ekupheleni kwenyanga i-video yengoma kaMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele, eshisa izikhotha, ethi Gucci, ayenze noMaWhoo. Le ngoba isibukwe ngaphezu kuka-9 million kuYouTube. 

Ngokusho kukaMthandeni, kule mpelasonto esiphuma kuyona bebeqhubeka nokuqopha i-music video yale ngoma eSandton, eGoli. “Izophuma ekupheleni kwale nyanga,” kusho yena.

Le ngoma enenyanga eyodwa iphumile, idlalwa ngisho ezindaweni ezingajwayele ukudlala lolu hlobo lomculi. Ngesonto eledlule uMthandeni ubonakale enandisa e-nightclub eseGoli okuyinto engajwayelekile kubaculi bakamaskandi.

Enkulunweni yakhe neLANGA, uMthandeni wathi isasasa lengoma yakhe, ethi “Paris” – ayenze noLwah Ndlunkulu nyakenye – imdalele ingcindezi, ngakho-ke bekubalulekile ukuthi ingoma azoyikhipha
yenze kahle kakhulu kunayo.

Emasontweni abambalwa edlule,  iGcokama noMaWhoo bebeseThekwini beqopha ingxenye ye-video yeGucci. Phambilini uMthandeni wahlebela ILANGA, ukuthi i-albhamu ephelele isikhona, kodwa usalinde isikhathi esifanele ukuyikhipha. 

www.ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...