Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kulindeleke noCele aphendule phambi kweKhomishana kaMadlanga

Kulindeleke noCele aphendule phambi kweKhomishana kaMadlanga

by | 16 September 2025

NGUMNU Bheki Cele owengungqongqoshe wamaphoyisa.

UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa osamisiwe uMnu Senzo Mchunu, nobesiphethe lesi sikhundla phambilini uMnu Bheki Cele, kumele bahloniphe futhi bazinikele kwiKhomishana kaMadlanga uma bedingeka. 

Lokhu kudalulwe nguNkk Mahlengi Motsiri-Bhengu okhulumela i-ANC, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngeSonto, njengoba kulindeleke ukuba le khomishana iqale kusasa ngoLwesithathu. 

Kulindeleke ukuba uMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi abe ngowokuqala ukwethula ubufakazi kule khomishana ephenya ngokugxambukela kwepolitiki ekusebenzeni kwamaphoyisa eNingizimu Afrika. 

UMkhwanazi kulindeleke ukuba ubufakazi bakhe buthathe izinsuku ezinhlanu, njengoba ukusungulwa kwale khomishana kwasuswa yisithangami sabezindaba sakhe, lapho aveza khona amahlazo enzeka emaphoyiseni, athi akapakela nasophikweni lwabashushisi. 

UMkhwanazi kulindeleke ukuba athule ubufakazi nasekomidini lasePhalamende eliyisipesheli, nalo eliphenya ngokufanayo. Amalungu aleli komidi ake aphakamisa ukuthi uMkhwanazi aqale kulo ukwethula ubufakazi, ngaphambi kokudlulela kwiKhomishana kaMadlanga. 

Lokhu kugcine kungenzekanga ngenxa yokuthi uMkhwanazi wathi ubesexoxisene nabeKhomishana kaMadlanga, futhi wavuma ukuqala kuyo. Kule khomishana kulindeleke ukuba kuvele ofakazi abehlukene, okuhlanganisa uMchunu noCele, njengoba nabo bethinteka kwezinye zezinsolo esezike zaqubuka ngokusebenza kwamaphoyisa, nokugxambukela kosopolitiki emsebenzini wawo. 

UNkk Motsiri-Bhengu uthe i-ANC ilindele ukuthi laba baholi bayo abasesigungwini esiphezulu, bazinikele kule khomishana uma bedingeka, bethule ubufakazi obungayisiza ifinyelele emnyombweni wenkinga. 

Le khomishana kulindeleke ukuba yethule umbiko ngemuva kwezinyanga ezintathu iqalile ukusebenza, ngaphambi kokuphothula konke ngemuva kweziyisithupha.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...