Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 UMawhoo uncome waphinde wabonga uMthandeni ngeGucci

UMawhoo uncome waphinde wabonga uMthandeni ngeGucci

by | 6 January 2025

UMZWILILI wakuleli uMawhoo uhalalisele waphinde wafisela uMthandeni SK okuhle kodwa ngomcimbi iMthandeni Summer Picnic obuseMdletsheni eMtuba abewenze ngempelasonto.

UMawhoo obengelinye lamaciko anandise kulo mcimbi obe yimpumelelo ubabele enkundleni yakhe yokuxhumana encoma uMthandeni ngokuba nenhliziyo enhle nokwazisa omunye umuntu.

UMawhoo ocula noMthandeni engomeni ehlukanise unyaka esihloko sithi Gucci uphinde wabonga ngokuthi abe yingxenye yale ngoma enkulu eNingizimu Afrika kulezi zinsuku.

“Kade ngangifisa ukwenza ingoma enkulu kamaskandi,” kubhala lo mculi ezibongela.

Uchaze uMthandeni njengomuntu okhuliswe kahle futhi ophuma ekhaya elimfundise kahle.

“UNkulunkulu akwandisele, unenhliziyo enhle futhi uyamazi omunye umuntu.

Uqhubeke njalo nakwabanye,” kubhala uMawhoo.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...