Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 UMawhoo uncome waphinde wabonga uMthandeni ngeGucci

UMawhoo uncome waphinde wabonga uMthandeni ngeGucci

by | 6 January 2025

UMZWILILI wakuleli uMawhoo uhalalisele waphinde wafisela uMthandeni SK okuhle kodwa ngomcimbi iMthandeni Summer Picnic obuseMdletsheni eMtuba abewenze ngempelasonto.

UMawhoo obengelinye lamaciko anandise kulo mcimbi obe yimpumelelo ubabele enkundleni yakhe yokuxhumana encoma uMthandeni ngokuba nenhliziyo enhle nokwazisa omunye umuntu.

UMawhoo ocula noMthandeni engomeni ehlukanise unyaka esihloko sithi Gucci uphinde wabonga ngokuthi abe yingxenye yale ngoma enkulu eNingizimu Afrika kulezi zinsuku.

“Kade ngangifisa ukwenza ingoma enkulu kamaskandi,” kubhala lo mculi ezibongela.

Uchaze uMthandeni njengomuntu okhuliswe kahle futhi ophuma ekhaya elimfundise kahle.

“UNkulunkulu akwandisele, unenhliziyo enhle futhi uyamazi omunye umuntu.

Uqhubeke njalo nakwabanye,” kubhala uMawhoo.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...