Useyayifuna ibheyili osolwa ngokubulala abesifazane ababengabangani

135

SKHOSIPHI MTHEMBU

USHAYE ingqimphothwe etshela iNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesine ukuthi usezosifaka isicelo sebheyili owesilisa osolwa ngokubulala amantombazane mabili ayengabangani.

UMnu Lungani Mthethwa (38), ongomunye wabamangalelwa ecaleni lokubulawa kukaNkz Anele Mbokazi noZizipho Gabisa, uveze ukuthi usekulungele ukufaka isicelo sebheyili njengoba phambilini enqaba ukusifaka.

UMthethwa uboshwe noMnu Sandile Chili (44) yena ongaphandle ngebheyili.

Izidumbu zabafi zatholakala zindindilize eKenville eThekwini kuwona lonyaka  zinamanxeba okudutshulwa. Ngesikhathi uChili efaka isicelo sebheyili, waveza ukuthi nguMthwethwa owadubula wabulala abafi.

Waveza ukuthi ngosuku ababulawa ngalo, babebonana okwesibili nabo njengoba bahlangana okokuqala emcimbini wakubo uChili, eMtshezi. Waveza ukuthi ngesikhathi bebonana emcimbini okokuqala, bashintshana  ngezinombolo nabafi kwabe sekuxoxwa komakhalekhukhwini.

UChili waveza ukuthi yena wagcina esenobudlelwano bezothando noNkz Gabisa kanti uMthethwa yena wayesenobudlelwano noNkz Mbokazi. Ngosuku abashona ngalo, wathi benoMthethwa balanda abafi kubo eRiverview, eVerulam, kwayodliw,a kwathengwa notshwala, ngaphambi kokuba kuyiwe ehhotela elisenkabeni yedolobha eThekwini.

UChili waveza ukuthi sebesehhotela, ucingo lukaNkz Mbokazi lwalulokhu lukhala. Uthi uNkz Mbokazi wabatshela ukuthi ngabakubo abamshayelayo ngoba umfowabo wayesethathe imoto yakhe waya ebumnandini, wabe eseboshwa.

Waveza ukuthi babe sebehamba nabafi, okuthe sebesendleleni, yena (uChili) wazumeka. Wathi waphaphama sebebheke eKenville okwathi uma ebuza uMnu Mthethwa wamutshela ukuthi uya kwamngani wakhe uyolungisa imoto njengoba khona ayengakuzwa kahle kuyona.

Eqhuba waveza ukuthi uMthethwa wabe esemisa imoto waphoqa abafi ukuba behle. Wathi uMthethwa wayesola ukuthi abafi banamanye amasoka, wathi yiwona lawa abeshayela uNkz Mbokazi ucingo.

Sebephansi, uChili waveza ukuthi uMthethwa wabe esebadubula ephindelela. Namuhla inkantolo ibigcwele ichichima, amalungu omndeni nabangani babafi bezozizwela okuqhubekayo.

UMthethwa ube eseveza ukuthi uzofaka isicelo sebheyili kwazise ekuqaleni wacela ukusihoxisa okwesikhasana. Icala libe selihlehliselwa umhla ka-18 kuZibandlela (December) lapho kuzobe sekulalelwa isicelo sakhe sebheyili.

UMnu Mvuselelo Magwaza, oyilungu lomndeni kaNkz Mbokazi, uthe kuyabakhathaza ukuthi uMthethwa usefuna ukufaka isicelo sebheyili ekubeni ekqalebi wayenqabile ukusifaka.

Uthe lokhu kuyabathunuka, wathi kodwa bazoyeka umthetho udlale indawo yawo.

Previous articleYehliswe ngo-0,25% inzalo yemalimboleko
Next articleOsebenze nezingqwele uzojabulisa abalandeli eThekwini