Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uchitha izinsolo zokucwiya imali yokudla kwezikole

UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uchitha izinsolo zokucwiya imali yokudla kwezikole

by | 8 May 2025

UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal uyazichitha izinsolo zabaqashelwe ukuhlinzeka ukudla ezikoleni, zokuthi umnyango uthatha imali eqondene nalolu hlelo lokudla ezikoleni, uyisebenzise ukuphesha kweminye imisebenzi yomnyango lapho kushoda khona.


UMnu Sipho Hlomuka onguNgqongqoshe wezeMfundo kulesi sifundazwe uthi akulona iqiniso ukuthi umnyango uyayicwiya le mali, uyisebenzise kwezinye izindawo. Uthi abakwazi ukwenza kanjalo ngoba le mali iyisibonelelo esiqondene ngqo nalolu hlelo lokudla ezikoleni.


Usho lokhu ngoLwesithathu, lapho undunankulu nekhabhinethi yesifundazwe bebehlangene nabezindaba, bechaza ngezinto ezibalulekile uhulumeni aphezu kwazo, ezithinta isifundazweni.
Njengoba sekujwayelekile ukuthi kube nezinkinga ekukhokhelweni kwezinkampane ezihlinzeka ngokudla ezikoleni, usoseshini owengamele lezi zinkampani, obizwa ngokuthi yiNational School Nutrition Programme (NSNP) Service Providers Association unezinsolo zokuthi umnyango ubuye uyicosule le mali, bese kugcina kuba nenkinga yokungakhokhelwa kwezinye izinkampani ngesikhathi esifanele.


UHlomuka uthe ngeke kwenzeke ukuba le mali isetshenziswe kwezinye izindawo ngoba lesi sibonelelo esiqondene ngqo nalolu hlelo.
“…sivikelwe (lesi sibonelelo), ngakho awukwazi ukusithatha usisebenzise kwezinye izindawo,” kusho uHlomuka.
UHlomuka uthi enye inkinga eyenza kube nokubambezeleka kokukhokhelwa kwezinye izinkampani ezihlinzeka izikole ngokudla yingoba lezo zinkampabi zisuke zithumele imininingwane engaphelele ukuze zikhokhelwe.
Uthi ngesinye isikhathi ezinye izinkampani zithumela ama-invoice angasayiniwe yizikole ezisuke zihlinzekwe ngokudla, ekubeni lokho kusayina kubalulekile njengoba kusuke kuqinisekisa ukuthi leyo mpahla esuke izokhokhelwa wumnyango isuke ihlinzekwe ngempela yini.


UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli uchaze mayelana nobuhixihixi bakamuva okuphazamise ukukhokhelwa kwezinkampani zabahlinzeka ngokudla ezikoleni.
Undunankulu uthi isizathu esibangele lokhu wukuthi kube nenkinga ohlelweni lobuchwepheshe olusetshenziswayo ukukhokha. Uthi beluthuthukiswa lolu hlelo, kwase kuba nobuhixihixi.


Uthembise ukuthi kodwa inkinga iyalungiswa, wathi isifakiwe imali, kanti izinkampani ebezingakakhokhelwa zizoyithola ngoLwesihlanu kuleli sonto.
Ugcizelele ukuthi ukungakhokhelwa kwalezi zinkampani akuhlangene nezinkinga zemali kuhulumeni njengoba imali yohlelo lokudla ezikoleni lunemali yalo eseceleni, engahlangani nemali yokusebenza komnyango.
Nakuba kulesi siphithiphithi sakamuva kubikwa ukuthi inkinga idalwe yilobu buhixihixi bezobuchwepheshe ohlelweni lokukhona, kodwa sekukaninga kuba nalezi zinkinga.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...