Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kusolwa umbango wamafa ngobulawe esemlindelweni kaninakhulu

Kusolwa umbango wamafa ngobulawe esemlindelweni kaninakhulu

by | 20 May 2026

KUSOLWA umbango wamafa njengembangela yokufa kowesifazane odutshulwe wabulawa esemlindelweni wesaguga sekhaya, esigamekweni esenzeke eNsiligwaneni, eDanny Dalton, eVryheid, ngoMgqibelo ezintatha.

Ngokuthola kweLANGA, uNkk Sindi Mbatha (47), udutshulwe wabulawa ngumuntu ongaziwa ngosuku lomlindelo kaninakhulu, ofihlwe ngoMgqibelo okwenzeke ngawo isigameko. Imibiko iveze ukuthi bekungakapheli isikhathi eside uNkz Mbatha efikile emzini kaninakhulu, njengoba ebesuka eThekwini lapho ehlala khona.

Kuthiwa ngezithuba zabo-2 ezintatha, kubonakale owesilisa ofike wavulela ngenhlamvu ebhekise kuNkk Mbatha, odubuleke waphelela endaweni yesigameko.

ILANGA likhuluma nendodana kamufi, uMnu Mthokozisi Mbatha, ithe bezwa ubuhlungu obuphindiwe ngalesi senzo esichaze njengebulwane. UMbatha ulandise leli phephandaba ngokwenzekile ngesikhathi kubulawa umufi.

Uthi usola umbango wamafa kayisemkhulu njengembangela yokubulawa kukanina, njengoba umndeni unokungaboni ngasolinye endabeni yawo. Uthe uyisemkhulu wayenamabhizinisi, kwathi uma edlula emhlabeni ngo-2024, amafa akhe adlulela kuyise, okunguye obeyinkosana.

Uthi lokhu kungaboni ngasolinye bekwenza kube nzima nokuthi umndeni ungenelane. Uthi nokuya emngcwabeni bekunzima, kodwa unina wagcina eyile ngoba ethi ufuna ukuyovalelisa okokugcina kwisalukazi somndeni.

“Kubuhlungu lokhu okwenzekile, besingakapholi amanxeba ngokudlula emhlabeni kukababa, njengoba eshone ngoNhlolanja (February) nonyaka, ngemuva kokuxinwa wukugula okungaqondakali. Sisuke eThekwini nomama ngenhloso yokuyofihla ugogo.

“Ngesikhathi ebulawa, bengilele emotweni. Ngezwa ngento eqhumayo sengathi ishaya iwindi, ngathi uma ngiphuma, ngahlangabezana nesidumbu sikamama sidindilizile, ngabona abantu ababili bebaleka, beyophuma ngesango.

“Ngokusho kwezingane, zithi kungene abantu, oyedwa wavulela ngenhlamvu ebhekise kumama base, bebaleka. Empeleni ubudlelwano bethu nabasekhaya kabubuhle selokhu kwaqubuka umbango wamafa, okuyikhona okwenza nobaba ongizalayo wagcina esebalekile lapha ekhaya, wayohlala eThekwini, okuyilapho eshone esehlala khona, saze samfihlela khona,” esho.

Uthe unethemba lokuthi bazotholakala ababulali, bese bethola isijezo esibafanele. ILANGA likhulume nelungu lomndeni wakwaMbatha (lapho obekufihlwa khona), elenqabile ukuphawula kulolu daba. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCpt Ntathu Ndlovu, uthe usaqoqa ulwazi ngalolu daba. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakaphenduli.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...