Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kusolwa umbango wamafa ngobulawe esemlindelweni kaninakhulu

Kusolwa umbango wamafa ngobulawe esemlindelweni kaninakhulu

by | 20 May 2026

KUSOLWA umbango wamafa njengembangela yokufa kowesifazane odutshulwe wabulawa esemlindelweni wesaguga sekhaya, esigamekweni esenzeke eNsiligwaneni, eDanny Dalton, eVryheid, ngoMgqibelo ezintatha.

Ngokuthola kweLANGA, uNkk Sindi Mbatha (47), udutshulwe wabulawa ngumuntu ongaziwa ngosuku lomlindelo kaninakhulu, ofihlwe ngoMgqibelo okwenzeke ngawo isigameko. Imibiko iveze ukuthi bekungakapheli isikhathi eside uNkz Mbatha efikile emzini kaninakhulu, njengoba ebesuka eThekwini lapho ehlala khona.

Kuthiwa ngezithuba zabo-2 ezintatha, kubonakale owesilisa ofike wavulela ngenhlamvu ebhekise kuNkk Mbatha, odubuleke waphelela endaweni yesigameko.

ILANGA likhuluma nendodana kamufi, uMnu Mthokozisi Mbatha, ithe bezwa ubuhlungu obuphindiwe ngalesi senzo esichaze njengebulwane. UMbatha ulandise leli phephandaba ngokwenzekile ngesikhathi kubulawa umufi.

Uthi usola umbango wamafa kayisemkhulu njengembangela yokubulawa kukanina, njengoba umndeni unokungaboni ngasolinye endabeni yawo. Uthe uyisemkhulu wayenamabhizinisi, kwathi uma edlula emhlabeni ngo-2024, amafa akhe adlulela kuyise, okunguye obeyinkosana.

Uthi lokhu kungaboni ngasolinye bekwenza kube nzima nokuthi umndeni ungenelane. Uthi nokuya emngcwabeni bekunzima, kodwa unina wagcina eyile ngoba ethi ufuna ukuyovalelisa okokugcina kwisalukazi somndeni.

“Kubuhlungu lokhu okwenzekile, besingakapholi amanxeba ngokudlula emhlabeni kukababa, njengoba eshone ngoNhlolanja (February) nonyaka, ngemuva kokuxinwa wukugula okungaqondakali. Sisuke eThekwini nomama ngenhloso yokuyofihla ugogo.

“Ngesikhathi ebulawa, bengilele emotweni. Ngezwa ngento eqhumayo sengathi ishaya iwindi, ngathi uma ngiphuma, ngahlangabezana nesidumbu sikamama sidindilizile, ngabona abantu ababili bebaleka, beyophuma ngesango.

“Ngokusho kwezingane, zithi kungene abantu, oyedwa wavulela ngenhlamvu ebhekise kumama base, bebaleka. Empeleni ubudlelwano bethu nabasekhaya kabubuhle selokhu kwaqubuka umbango wamafa, okuyikhona okwenza nobaba ongizalayo wagcina esebalekile lapha ekhaya, wayohlala eThekwini, okuyilapho eshone esehlala khona, saze samfihlela khona,” esho.

Uthe unethemba lokuthi bazotholakala ababulali, bese bethola isijezo esibafanele. ILANGA likhulume nelungu lomndeni wakwaMbatha (lapho obekufihlwa khona), elenqabile ukuphawula kulolu daba. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCpt Ntathu Ndlovu, uthe usaqoqa ulwazi ngalolu daba. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakaphenduli.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...