Ilanga News
Home 9 Featured 9 Qhude manikiniki kwabagaqele esobuMeya ye-ANC eThekwini

Qhude manikiniki kwabagaqele esobuMeya ye-ANC eThekwini

by | 22 August 2026

QHUDE manikiniki zindala zonke emjahweni wokuhola uMasipala weTheku ebuholini be-ANC kulandela ukuthi leli qembu limemezele abasethubeni lokuba yiMeya yalo masipala omkhulu KwaZulu Natal.

UNobhala Jikelele we-ANC uMnu Fikile Mbalula emcimbini ose-Sandton Convention Centre eGoli umemezele uMnu Cyril Xaba, Maggy Govender, Thabani Nyawose, Nkk Nomusa Dube Nube noNkz Mina Lesoma njengalabo abazoba sethubeni lokuqhoqhobala isikhundla sobumeya kulo masipala uma leli qembu lithola amavoti anele okhethweni lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 ngoLwezi nonyaka.

UMbalula ophinde wamemezela nabanye komasipala abahlukene kuleli uveze ukuthi kuzokhethwa oyedwa kulaba abamenyezeliwe komasipala.

Uqhube ngokuthi okuzoba yibo ngempela abazoba yizimeya ngokusemthethweni bazomenyezelwa ngenyanga ezayo.

UMbalula uthe bonke abamenyezeliwe ngokuba sethubeni kuzomele bakhankasele leli qembu babonakale emphakathini bezibophezela ukuwusebenzeleni.

Utshele abezindaba ukuthi lolu hlu lwamagama abawamemezelile bababenzile izinhlolokhoni futhi bagculiseka ngokuphendula kwabo.

Uthe kulolu hlu kukhona izifundiswa, osomabhizinisi, abezinyunyana nabanye abaqukethe iziqu ezifanele ukuhola omasiapala.

Kulo mcimbi abanye abamenyezeliwe ukumela omasipala abahlukene KwaZulu Natal abakwazanga ukuba yingxenye yalo mcimbi.

UMbalula uthe lokhu kudalwa yizinkinga zezinhlelo zokuza kwabo eGoli. Phakathi kwabanye abamenyezeliwe kodwa abangafikanga kubalwa uMfu Vusi Dube noMnu Mzi Thebola eMsunduzi, nabanye bakomasipala KwaDukuza, uMhlathuze, Newcastle nabanye.

UMbalula uthe laba abazomela i-ANC kwesobuMeya baphathiswe izinto ezimqoka eziseqhulwini okumele basebenzele phezu kwazo.

Uthe phakathi kokuseqhulwini kubalwa wukuqinisekisa ukusatshalaliswa kwamanzi, ukuba khona kogesi ongacishi, wukwakha amathuba emisebenzi, wukuqinisekisa ukuqoqwa kwemfucuza, ukwakha umasipala ophephile nokuqinisekisa imiphumela kamcwaningi mabhuku ongenacobho nokunye okuhambisana nokuphathwa kukamasipala ngobuqotho.

Ezisematheni

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

UMBHISHOBHI Sandile Ndlela, webandla iMethodist Church eNtuzuma, ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe uMkhonto weSizwe Party (MKP) athi uphethe iNational Religious Desk kulona, njengoba esanda kushiselwa umuzi. Uthi njengoba bekunomoya omkhulu izolo ngoMgqibelo,...

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

IKHALE ngokungabi nanembeza nokwedelela ngokudlwengulwa kwesisulu eduze kwethuna likayise, iMantshi uW.J.J Schutte, igweba “umalugaju” waseRichards Bay. Lokhu kwenzeke ngoMsombuluko, ngesikhathi iNkantolo yesiFunda saseRichards Bay, igixabeza lo “malugaju” uSanele...