
UMASIPALA waseMsunduzi, noMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, balungisa umonakalo odalwe wumlilo emijondolo yaseJika Joe ngoMgqibelo ebusuku.
Ibalelwa ngaphezulu kuka-50 imijondolo ecekeleke phansi ngenxa yomlilo eJika Joe. Abantu abahlala khona, bakhoseliswe emahholo omphakathi njengoba umasipala nomnyango sebethumele ithimba elizogxumeka izakhiwo zesikhashana kuleya ndawo.
Phakathi kwabantu abayizisulu, kukhona owesilisa osekhulile futhi okhubazekile, ongakwazanga ukuphuma emjondolo abehlala kuwo, waze washa wangqongqa, omakhelwane behluleka ukumkhipha ngenxa yentuthu ebivimezele.
Okhumela uMasipala waseMsunduzi, uNks Nontobeko Mkhize, uxwayise abantu ababasa imililo emijondolo ngoba bezwa amakhaza, ukuthi baqikelele ukuthi azicekeli phansi izakhiwo, ngenxa yemililo.
Izinhlangano ezingenzi inzuzo, ezisiza imiphakathi eyizisulu, njengeGift of the Givers, sezingenelele ukusiza njengoba abantu abasemahholo belethelwe ukudla nezingubo zokulala.







