Ilanga News
Home 9 Featured 9 UHlabisa nohlelo lokubuyekeza ukusebenza komasipala

UHlabisa nohlelo lokubuyekeza ukusebenza komasipala

by | 23 May 2025

UHLOSE ukuthola izizathu ezenza omasipala bahluleke ukuhlinzeka umphakathi ngezidingo uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu kuzwelonke uMnu Velenkosini Hlabisa.

Lokhu kuza ngemuva kokuba umnyango wakhe uthule uhlelo lokubuyekezwa kwendlela yokusebenza komasipala iWhite Paper on Local Government ka-1998, okwakuhloswe ngayo ukuthuthukiswa ukuhlinzeka imiphakathi ngezidingo kanye nokuqinisa indlela omasipala abasebenza ngayo. Kulolu hlelo umnyango uhlose ukuhlolisisa imbangela yokungasebenzi ngendlela komasipala.

Lokhu kuzokwenzeka ngokuthi umnyango uhlaziye ukuphathwa kwemali, ukuqinisekisa ukuthi ubuholi obusezikhundleni bukufanele yini ukuba kuzo, ukubambisana komasipala nomphakathi kanye nokuvulela izakhamizi zakuleli ukuba ziphawule, zibeke imibono ngendlela ezifisa omasipala basebenze ngayo. Ekhuluma uHlabisa, ukhale ngenhlese yepolitiki eyengamele omasipala, nakholwa ukuthi ingenye yembangela zokungasebenzi ngendlela komasipala.


“Enye yezinkinga ezinkulu ekumele silwe nayo ukulwa nenhlese yepolitiki komasipala, sino-masipala abaningi abangekho esimweni esikahle ngenxa yepolitiki. Lesi singesinye sezizathu esenza sibone omasipala benezimenenja zikamasipala ezimbili, ababhekelele imali nabo bangababili. Omasipala abakulesi simo nabalawulwa yipolitiki kabawuhlinzeki umphakathi ngezidingo,” esho.


Uthi lesi sinqumo sokubuyekezwa kokusebenza komasipala ukuqinisekisa ukuthi zonke izinto zenziwa ngendlela komasipala futhi uyaqiniswa umthetho wokuqashwa kwabantu ezikhundleni eziphezulu. Uthi ukubuyekezwa kulindeleke ukuba kube sekuphelile ngoNdasa (March) wonyaka ozayo.


“Uma siphothula ngoNdasa silindele ukuthi sizobe sezitholile izindlela ezifanele ekuzosetshenzwa ngazo kuphinde kuqinisekiswe ukuthi ezikhundleni eziphezulu kuqashwa abantu abakufanele ukuba kuzo ukuze kuhlinzekwe imiphakathi ngezidingo. Sekuyikhathi eside abanye omasipala besingethwe yinkohlakalo, ukungasebenzi ngendlela futhi benganakiwe, okwenze abantu balahlekelwe yithemba kubo (omasipala). Kumele silwe nalokhu sithole isisombululo,” esho.
Uthi imibono yomphakathi ngezifiso zabo zokuphathwa komasipla izovuleleka kuze kube umhlaka 30 wenyanga ezayo.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...