Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 USthandwa woKhozi usengene kwezokuklwebha amapuleti

USthandwa woKhozi usengene kwezokuklwebha amapuleti

by | 10 September 2025

UCHAZA u-2025 njengonyaka wakhe wokwenza noma yini azimisele ukuyenza umsakazi osanda kubuyela oKhozini FM nakumabonakude, uSthandwa Nzuza, okumanje ufundela ukuba nguDJ oklwebha amapuleti.

USthandwa owethulwe ngoNdasa (March) ekhuza ibuya okwesibili oKhozini, ngemuva kokunyamalala isikhathi esingangeminyaka emibili engasakazi, uthi lona wunyaka wakhe.

Kubukeka uizinto zimhambela kahle uSthandwa njengoba ngaphandle kokubuyela oKhozini, ephinde wathola ithuba lokuba ngomunye wabalingisi abaqavile emdlalweni osanda kuqala kumabonakude, othi, “Amalanga Awafani”, okhonjiswa kwiSABC 1 phakathi nezinsuku ngo-18h30. Kulo mdlalo, oqoshwa yinkampani iStained Glass Productions, ulingisa indawo kaNtombi.

Ekhuluma neLANGA ngokungena emkhakheni wokuklwebha amapuleti, uthe usezibambezele kakhulu ngalokhu njengoba kuyisifiso sakhe sakudala ukuba nguDJ.

“Ngaqala ukuba nesifiso sokuba nguDJ ngisewumsakazi weDYR, ngilokhu ngihlehlisa. Ngesikhathi lo nyaka uqala, ngizitshelile ukuthi akukho okuzongivimba manje ukuthi ngifeze izifiso zami,” esho.

Okwenzekile kulo nyaka empilweni yakhe njengokubuyela oKhozini nokulingisa kulo mdlalo kamabonakude, uthi kuwukufezeka kwemithandazo yakhe. Mayelana nokuba nguDJ, uthe uzimisele ukuphothula izifundo zakhe ingakaqali ibhizi yemicimbi yamaholide okuphela konyaka.

“Ngibheke ukuthi kushaye isikhathi sokuphela konyaka ngibe sengiqedile ngezifundo zami ukuze ngikwazi ukunandisa emicimbini emikhulu, ekhona nehleliwe. Ngaphandle kwemicimbi, ngihlose nokudlala ezindaweni ezihanjelwa ngabantu asebethe ukukhula ngeminyaka nangomqondo, ezifana namaLounge namaLifestyle,” esho.
USthandwa uthi noma esenguDJ ngeke alishintshe igama lakhe, uzoqhubeka nokuzibiza ngalo ukuze angabadidisi abantu, bacabange ukuthi ngomunye umuntu.

“Akekho omunye uSthandwa Nzuza okhona kulo mkhakha, ngakho kasikho isidingo sokuqhamuka negama elisha,” esho.

Uthe nakuba ezodlala zonke izinhlobo zomculo uma esenguDJ, kodwa uzogxila kakhulu kwiHouse, amapiyano neOld School. USthandwa useke wabonakala emidlalweni eyahlukene kumabonakude okubalwa kuyo Uzalo, Ehostela, Umkhokha neminye.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...