Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Limshonele owakha itulo lokubulala usigaxamabhande wamaphoyisa

Limshonele owakha itulo lokubulala usigaxamabhande wamaphoyisa

by | 15 May 2025

UBEMI esonge izindla eNkantolo yeMantshi yaseNewcastle, izolo ngoLwesithathu, ebukeka edabikisa, futhi kusengathi uyasukelwa, owakha itulo lokubulala uMajor General Francis Slambert, usigaxamabhande wesifazane, ophethe amaphoyisa esiyingini saseMzinyathi.

INkantolo igcine imgweba iminyaka eyishumi ngetulo lokubulala uMajor-General Slabert, uCaptain Roshanlal Banawo, owayengumphenyi emaphoyiseni, ezinze ekamu lamaphoyisa eDundee, engaphansi koMzinyathi
Inkantolo ithole ukuthi uCaptain Banawo, waxoshwa emaphoyiseni ngonyaka ka-2019, ngoba kwatholakala izidakamizwa endlini ayehlala kuyo eDundee, nolunye uphenyo lwaveza ukuthi wayezidayisa izidakamizwa lezo.


UMajor-General Slambert, njengomphathi wamaphoyisa eMzinyathi, nguyena owanika uBanawo, incwadi emxoshayo, embuthweni wamaphoyisa. Inkantolo itshelwe ukuthi, uBanawo wathenga “izinkabi” oWilliam Dlamini noS’thembiso Mdlalose, ukuthi basoconge uMajor-General Slambert. Wasinda izikhawu ezimbili ngo-2023, abasocongi ababethengwe nguBanawo bezama ukumdubula uMajor-General Slambert, kodwa behluleka, njengoba bamzama ngenyanga kaNhlaba (May) behluleka, baphinde bamzama futhi ngenyanga kaNcwaba (August) ngaye u-2023.

Itulo labhoboka ngenyanga kaLwezi (November) 2023, lokhu kwaholela ekutheni uBanawo aboshwe, njengoba ebegqunywe esitokisini sonke lesi sikhathi enqatshelwe ibheyili.
IMantshi uIan Colditz, ngesikhathi igweba uBanawo, iminyaka ewu-10, eNkantolo yaseNewcastle, izolo ithe ayazi ukuthi yini eyenza uBanawo waba negqubu nenzondo ngoMajor-General Slambert, ngoba nguyena (uBanawo). owaxoshwa emsebenzini ngoba ephule umthetho ngokushushumbisa izidakamizwa, ekubeni eyiphoyisa elinesikhundla esiphezulu.

Abammeli bakaBanawo, bebemncengela, bethi inkantolo ayimdedele ngoba umsemdala ngokweminyaka, nokuthi futhi uMajor-General Slambert, akabulawanga. UMkhuzi wamaPhoyisa, KwaZulu-Natal, uLt. General Nhlanhla Mkhwanazi, ubekhona naye enkantolo ebigcwele ichichima, wathi uyasemukela isigwebo.


UNdonga, uthe lesi sigwebo sizoba yisifundo nakwabanye ngoba ukuba uMajor-General Slambert, wabulawa njengoba uBanawo ayehlele kanjalo, izifundazwe besizolahlekelwa kakhulu. Phezu kwakho konke, yiphoyisa lesifazane leli, elisesikhundleni esiphezulu njengoba ephethe amaphoyisa onke esiFundeni saseMzinyathi.
menzi.jele@ilanagnews.co.za.

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...