Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Limshonele owakha itulo lokubulala usigaxamabhande wamaphoyisa

Limshonele owakha itulo lokubulala usigaxamabhande wamaphoyisa

by | 15 May 2025

UBEMI esonge izindla eNkantolo yeMantshi yaseNewcastle, izolo ngoLwesithathu, ebukeka edabikisa, futhi kusengathi uyasukelwa, owakha itulo lokubulala uMajor General Francis Slambert, usigaxamabhande wesifazane, ophethe amaphoyisa esiyingini saseMzinyathi.

INkantolo igcine imgweba iminyaka eyishumi ngetulo lokubulala uMajor-General Slabert, uCaptain Roshanlal Banawo, owayengumphenyi emaphoyiseni, ezinze ekamu lamaphoyisa eDundee, engaphansi koMzinyathi
Inkantolo ithole ukuthi uCaptain Banawo, waxoshwa emaphoyiseni ngonyaka ka-2019, ngoba kwatholakala izidakamizwa endlini ayehlala kuyo eDundee, nolunye uphenyo lwaveza ukuthi wayezidayisa izidakamizwa lezo.


UMajor-General Slambert, njengomphathi wamaphoyisa eMzinyathi, nguyena owanika uBanawo, incwadi emxoshayo, embuthweni wamaphoyisa. Inkantolo itshelwe ukuthi, uBanawo wathenga “izinkabi” oWilliam Dlamini noS’thembiso Mdlalose, ukuthi basoconge uMajor-General Slambert. Wasinda izikhawu ezimbili ngo-2023, abasocongi ababethengwe nguBanawo bezama ukumdubula uMajor-General Slambert, kodwa behluleka, njengoba bamzama ngenyanga kaNhlaba (May) behluleka, baphinde bamzama futhi ngenyanga kaNcwaba (August) ngaye u-2023.

Itulo labhoboka ngenyanga kaLwezi (November) 2023, lokhu kwaholela ekutheni uBanawo aboshwe, njengoba ebegqunywe esitokisini sonke lesi sikhathi enqatshelwe ibheyili.
IMantshi uIan Colditz, ngesikhathi igweba uBanawo, iminyaka ewu-10, eNkantolo yaseNewcastle, izolo ithe ayazi ukuthi yini eyenza uBanawo waba negqubu nenzondo ngoMajor-General Slambert, ngoba nguyena (uBanawo). owaxoshwa emsebenzini ngoba ephule umthetho ngokushushumbisa izidakamizwa, ekubeni eyiphoyisa elinesikhundla esiphezulu.

Abammeli bakaBanawo, bebemncengela, bethi inkantolo ayimdedele ngoba umsemdala ngokweminyaka, nokuthi futhi uMajor-General Slambert, akabulawanga. UMkhuzi wamaPhoyisa, KwaZulu-Natal, uLt. General Nhlanhla Mkhwanazi, ubekhona naye enkantolo ebigcwele ichichima, wathi uyasemukela isigwebo.


UNdonga, uthe lesi sigwebo sizoba yisifundo nakwabanye ngoba ukuba uMajor-General Slambert, wabulawa njengoba uBanawo ayehlele kanjalo, izifundazwe besizolahlekelwa kakhulu. Phezu kwakho konke, yiphoyisa lesifazane leli, elisesikhundleni esiphezulu njengoba ephethe amaphoyisa onke esiFundeni saseMzinyathi.
menzi.jele@ilanagnews.co.za.

Ezisematheni

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

YIZITHOMBE ezithwetshulwe kwiVideo yesigameko esenzeka KwaNdengezi, ebonisa umshayeli we-Uber ehlaselwa ngonogada bamatekisi emigwaqweni (patrollers). BAZOBUYELA enkantolo ngoLwesithathu abalisa abathathu abangabaqaphi bamatekisi emgwaqweni (patrolers) abasolwa...

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

NGUMLINGISI uHope Mbhele ngesikhathi enzelwe umemulo. Sikhulume ngembeleko ngokwedlule. Nokho siyichaze njengalokhu seyazeka esikhathini sanamhlanje ngoba singafuni ukuxuba, sizithole sekudidaniseka nomhlonyane owenzelwa ingane yentombazane lapho isithombile. Imbeleko...

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

BAZOKWAKHA uzinzo ngokuhlelwa kwemidlalo yebhola yothisha kwinyunyana ebekade kungabonwa ngaso linye kuyona emuva kwengqungquthela yokukhethwa kobuholi obusha nyakanye. INational Teachers Union (Natu) ihlele imidlalo yothisha mhlaka 25 no 26 kuyona lenyanga...