Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kushubile undunankulu egasela ezitolo zabokufika eThekwini

Kushubile undunankulu egasela ezitolo zabokufika eThekwini

by | 23 October 2025

LIBASHONELE “osomabhizinisi” abangabokufika kuleli abawu-21, abashaqwe yithimba ebeliphelekezela uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, eligasele ezitolo abadayisa kuzona bengazelele, ngoLwesine emini.

UNtuli nethimba lakhe bebehamba nezikhulu zoMnyango wezaseKhaya, namaphoyisa kaMasipala weTheku, ngesikhathi begasela ezitolo ezisenkabeni yeTheku, emgwaqweni uDkt Pixley kaSaka Seme.

Phakathi kwezinto abazitholile kulezi zitolo, ngamaphakethe kagwayi ongalungele ukuthi ubhenjwe ngabantu, ugologo ungahluziwe, nemali yomgunyathi. Baphinde bathola ukudla osekuphelelwe yisikhathi, kusagcinwe emashalofini, nokunye okubolile.

“Lokhu kuwubufakazi bokuthi makuqiniswe emingceleni engenela kuleli zwe. Laba bokufika esibabophe lapha, abanye abanawo amaphephamvume okuba babe kuleli zwe, abanye awabo asephelelwa isikhathi.

“Abanye abanazo nhlobo izimvume zokuba kuleli zwe, kodwa baqhuba amabhizinisi. Siyawucela umphakathi wakulesi sifundazwe ukuthi ubambisane nathi siwuhulumeni ngoba ukuba khona kwabokufika abangeamvume yokuba kuleli, kuyasilimaza.” Laba bokufika baboshiwe,” kusho uNtuli.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...