
UFAKE isicelo sokulaxaza ummeli ngomzuzu wokugcina uthishanhloko wesikole iMpumulwane Primary, KwaMaphumulo. UMnu Sithembiso Justice Khumalo, ulahlwe yicala lokubulala owayeyisikhulu samaphoyisa kaMasipala weTheku uCapt Thomas Zwelakhe Ntombela, owadutshulwa wabulawa esemzini kwa-S, eMlazi ngo-2023.
UKhumalo utshele inkantolo namuhla ukuthi akasamdingi ummeli wakhe, uAdv Mduduzi Mvuna ngoba uhluleke wancama wukumncengela inkantolo ukuthi imlulele ibheyili ngemuva kokulahlwa yicala izolo.
“Nkosi yenkantolo, bengivele nginakho ukungenami ngendlela u-Adv Mvuna abengimele ngayo kodwa ngicasuke kakhulu izolo ngoba uhluleke wancama ukwenza inkantolo ukuthi ingilulele ibheyili. Angisamdingi, ngizoqoka ummeli omusha ozoqhubeka necala,” esho.
IJaji uBruce Bedderson, utshele uKhumalo ukuthi isinqumo sokungayeluli ibheyili bekungesakhe, hhayi uMvuna. Uthi ubona sengathi uKhumalo ubambezela ukuphothulwa kwecala njengoba seliqulwe laqedwa.







