Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Onqobe umdlavuza ukhuthaza amadoda ukuwuhlolela

Onqobe umdlavuza ukhuthaza amadoda ukuwuhlolela

by | 9 September 2025


ONQOBE umdlavuza wamankwahla ugqugquzela amadoda ukuba abhukule, ahlolelwe lo mdlavuza kusenesikhathi. UMnu Dumsani Pakkies (55) wakwa-J eMlazi, (osesithombeni), uthi uthole ngo-2020 ukuthi unalolu hlobo lomdlavuza engazange abe nazimpawu. Uchaza uhambo lwakhe lokwelashelwa njengolungazange lube lula, kodwa akaphelanga amandla.

“Ngenxa yokuthi lo mdlavuza uphila nge-hormone ebizwa nge-testosterone, bekumele kusetshenziswe indlela yokuyithithibalisa. Lokhu-ke kudale ukuthi ngikhule izibele, ngibe nesifuthefuthe, kwehle nokulangazelela ucansi,” esho.

Ngesikhathi ethola ukuthi unomdlavuza, uthi okumsizile wukuzivocavoca ukuze akwazi ukubhekana nesimo, yingakho ehlele iProstate Cancer Awareness Run ngokubambisana noMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal.

“Ngalo mjaho ngihlose ukuqwashisa amadoda ukuthi mawahlolele lo mdlavuza ngoba uma ungelashwa, uyabulala. Awazivocavoce ngoba lokho kusiza ukuthi ngisho noma ngabe kufika sifo sini emzimbeni sikufice uphilile, kanti futhi ukuzivocavoca kusiza nangokomoya,” kuchaza uPakkies.

Lo mjaho uthi uzobe uholwa ngumsubathi owaziwayo, uBongumusa Mthembu owake wanqoba wina iComrades Marathon. Uzosukela esibhedlela iGreys, eMgungundlovu, kuqhutshekelwe emtholampilo iHlengisizwe, eHammarsdale, bese kuphethwa eSt Aidan’s, eThekwini.

“Kuzogijinywa kunikezwe abantu ithuba lokuhlolelwa i-prostate cancer, bathole nolwazi kodokotela. Ngiyazi amadoda aba novalo lokuhlolela lo mdlavuza, kepha izindaba ezimnandi usuyahlolwa kusetshenziswa igazi,” esho.

Njengoba esenqobe lokhu kugula, uthi into eyenze kwalula wukwamukela.

“Ukwamukela kwenze kwalula kepha nakho kuwuhambo olude ngenxa yemiphumela yokwelashwa. Kuningi okumele ukwamukele ngesikhathi uqhubeka nokwelashwa. Into ebalulekile wukuthola ukwesekwa emndenini nakubangani, kepha nabo bazokweseka kokwenzayo.

“Njengeziguli sinejoka lokulwa ukuze kube lula nakubona ukuseseka,” esho.

Ezinye zezimpawu ezikhomba lo mdlavuza, ubala ubunzima bokuchama, kwesinye isikhathi umchamo uphuma kancane, kokunye uhlale uphisiwe kodwa kungaphumi lutho. Kokunye kuba negazi emchameni. UPakkies uthi owakhe umdlavuza uwuthole usukuStage 3, kepha kungekho zimpawu.

“Kubalulekile ukusukumela noma yini ongayizwa kahle emzimbeni ukugwema ukuthi udlulele ezingeni okuzoba nzima kulo ukuwelapha,” ephetha.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...