Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuningi uqagela ngesabelomali sikaGodongwana

Kuningi uqagela ngesabelomali sikaGodongwana

by | 12 March 2025

KUNINGI ukuqagela kubantu baseNingizimu Afrika ngokuzovela enkulumweni yesabelomali kaMnu Enoch Godongwana onguNgqongqoshe wezeMali kuleli.

Ugodongwana kulindelwe ukuba ethule le nkulumo namuhla ngoLwesithathu ntambama njengoba yahlehliswa emasontweni edlule.

Esinye sezizathu zokuhlehliswa kwayo wukungavumelani kwamaqembu aphethe uhulumeni ngokuhlanganyela (GNU) ngokwenyuswa kwentela yokuthenga iVAT ngo-2%.

Enye yezinto ezibhekwe ngabomvu kuGodongwana wukuthi uzokwenza njani ngendaba yesibonelelo sabantu abangasebenzi, okunemibiko yokuthi siyawesinda uhulumeni.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...