
KUNINGI ukuqagela kubantu baseNingizimu Afrika ngokuzovela enkulumweni yesabelomali kaMnu Enoch Godongwana onguNgqongqoshe wezeMali kuleli.
Ugodongwana kulindelwe ukuba ethule le nkulumo namuhla ngoLwesithathu ntambama njengoba yahlehliswa emasontweni edlule.
Esinye sezizathu zokuhlehliswa kwayo wukungavumelani kwamaqembu aphethe uhulumeni ngokuhlanganyela (GNU) ngokwenyuswa kwentela yokuthenga iVAT ngo-2%.
Enye yezinto ezibhekwe ngabomvu kuGodongwana wukuthi uzokwenza njani ngendaba yesibonelelo sabantu abangasebenzi, okunemibiko yokuthi siyawesinda uhulumeni.







