Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Kunxuswa abalandeli kowezinkakha zeChiefs nePirates

Kunxuswa abalandeli kowezinkakha zeChiefs nePirates

by | 26 March 2026

KUNXUSWA abalandeli ukufika ngesikhathi emdlalweni wezingqungulu zaseSoweto weKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates asebekhulile ngeSonto ngo-15h30, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Lo mdlalo uthathwa njengomunye wemikhulu njengoba imidlalo yeBetway Premiership neMotsepe Foundation Championship (MFC) isathe ngozololo ngenxa yekhefu leFifa.

UNkululeko Khwela ongomunye wabahleli balo mqhudelwano ngaphansi kwePuzzle Pictures utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi konke sekumi ngomumo ngalo mdlalo.

Uthe basamangaliswa yisasasa elikhona kubalandeli nangendlela athengwa ngakhona amathikithi okubuka lo mdlalo.

Uthi bafuna ukuqopha umlando kule nkundla ngokujabulisa abalandeli ngezinto eziningi abazohambela lo mdlalo.

Uthi kuzokuba khona nabaculi ukuzonandisa abaningi bezinga eliphezulu abantu abazothuka ukubabona kulo mdlalo.

” Sifisa abalandeli bafike ngezinkani kulo mdlalo ukuzobona izingwazi zabo zakudala zidlala ibhola. Kumele abalandeli bazi ukuthi bazobona o-Itumeleng Khune, uBrian Baloyi noSimphiwe Tshabalala ukukha nje phezulu abasuka kwiZimpofana ekubeni nabePirates kabazibekile phansi bamatsa ejimini okukhona uHappy Jele, uSteve Lekoelea, uLucky Legwathi ukubala abambalwa. Kuningi esiphezu kwakho mayelana nale midlalo ekhona. Sihlele ukuthi ozonqoba uzobhekana nezinye izingwazi zase-Europhu esisahlela nazo. Sibheke ukuthi lo mdlalo badlale ngoSeptember kuwona lo nyaka. Ngonyaka ozayo sifuna kubekhona nezingwazi zamakilabhu akulesi sifundazwe okubalwa iLamontville Golden Arrows namaZulu FC engikholwa wukuthi ngabe kasibenzi ubulungiswa uma sizodlala eThekwini zingabaniki nabo ithuba lokusebenzisa inkundla yaseMabhida Stadium.” ebeka ngamafuphi.

Amathikithi alo mdlalo azotholakala ezitolo zakwaSpar naseTicketpro kanti asukela kuR80 aye kuR150 ikhanda le ndoda.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...