Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuzoba mhlophe amaqele amaNazaretha eyokhuleka eNyokeni

Kuzoba mhlophe amaqele amaNazaretha eyokhuleka eNyokeni

by | 15 November 2024

JOHN HLONGWA 

KULINDELEKE ukuthi kube mhlophe amaqele kusasa ngoMgqibelo ngasesiGodlweni saseNyokeni, KwaNongoma njengoba amalungu ebandla lamaNazaretha – ohlangothi lwaseBuhleni, oluholwa yiNkosi uMduduzi Shembe – ezobe enikele kulesi sigodlo ukuyokhulekela   uMkhosi wokweShwama. Le nkonzo yenziwa minyaka yonke, ihlelwa wuhlangothi lwaseBuhleni ngokubambisana neNdlunkulu kaZulu, kanti uMkhosi wokweShwama uba njalo ekuqaleni kukaDecember. 

INKOSI yamaNazaretha aseBuhleni, uMduduzi Shembe neSilo uMisuzulu kaZwelithini.

Okhulumela iNdlunkulu kaZulu, uMntwana uSimphiwe Zulu, utshele ILANGA ukuthi amalungiselelo asemi ngomumo. “Silindele abazalwane abangaphezulu kuka-30 000. Kuzobe kuyinkonzo yokuqala ezoba sesigodlweni kusukela iSilo uMisuzulu sabhajadiswa kuleli bandla. “Iyisivumelwano esiphakathi kweSilo noNyazi ukuthi minyaka yonke bazowukhulekela lo mkhosi. Inkonzo izokwenziwa izinsuku ezimbili; kuzoqalwa ngeyeSabatha bese kuthi ngeSonto, kube wumgido,” kusho uMntwana uSimphiwe. 

Imizamo yokuthola ukuphawula kwabaseBuhleni iphunzile, ucingo lukaMnu Lizwi Ncwane beluvaliwe. ILANGA lingakuqinisekisa ukuthi omunye umthombo ongumfundisi kuleli bandla, ulibikele ukuthi akusekho okungavimba le nkonzo kusasa.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...