Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuzoba mhlophe amaqele amaNazaretha eyokhuleka eNyokeni

Kuzoba mhlophe amaqele amaNazaretha eyokhuleka eNyokeni

by | 15 November 2024

JOHN HLONGWA 

KULINDELEKE ukuthi kube mhlophe amaqele kusasa ngoMgqibelo ngasesiGodlweni saseNyokeni, KwaNongoma njengoba amalungu ebandla lamaNazaretha – ohlangothi lwaseBuhleni, oluholwa yiNkosi uMduduzi Shembe – ezobe enikele kulesi sigodlo ukuyokhulekela   uMkhosi wokweShwama. Le nkonzo yenziwa minyaka yonke, ihlelwa wuhlangothi lwaseBuhleni ngokubambisana neNdlunkulu kaZulu, kanti uMkhosi wokweShwama uba njalo ekuqaleni kukaDecember. 

INKOSI yamaNazaretha aseBuhleni, uMduduzi Shembe neSilo uMisuzulu kaZwelithini.

Okhulumela iNdlunkulu kaZulu, uMntwana uSimphiwe Zulu, utshele ILANGA ukuthi amalungiselelo asemi ngomumo. “Silindele abazalwane abangaphezulu kuka-30 000. Kuzobe kuyinkonzo yokuqala ezoba sesigodlweni kusukela iSilo uMisuzulu sabhajadiswa kuleli bandla. “Iyisivumelwano esiphakathi kweSilo noNyazi ukuthi minyaka yonke bazowukhulekela lo mkhosi. Inkonzo izokwenziwa izinsuku ezimbili; kuzoqalwa ngeyeSabatha bese kuthi ngeSonto, kube wumgido,” kusho uMntwana uSimphiwe. 

Imizamo yokuthola ukuphawula kwabaseBuhleni iphunzile, ucingo lukaMnu Lizwi Ncwane beluvaliwe. ILANGA lingakuqinisekisa ukuthi omunye umthombo ongumfundisi kuleli bandla, ulibikele ukuthi akusekho okungavimba le nkonzo kusasa.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...