
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse osomabhizinisi baKwaZulu-Natal ukuba bebambe iqhaza emizamweni yokuthuthukisa ukusebenza kohulumeni basekhaya.
UHlabisa ubekhuluma ngesikhathi enenkulumo-ngxoxo nosomabhizinisi nezinye izinhlaka ngoLwesihlanu eThekwini. Unxuse osomabhizinisi nomphakathi ukuphonsa esivivaneni imibono yawo njengoba umnyango wakhe ubuyekeza imigomo iWhite Paper on Local Government, yango-1998.
Uthe uzinzo ekulethweni kwezidingo zomphakathi nezinyathelo okumele bathathelwe zona omasipala abangenzi kahle ngezinye zezinto abagxile kuzona ekwenzeni izingququko.
“Uhlelo lokusebenza kohulumeni basekhaya ngeke kuchume ngaphandle kokwenza kahle komnotho wezindawo, kanti umnotho ngeke wenze kahle uma lungekho uzinzo ekulethweni kwezinsiza, ekusebenzeni wemithetho, nokuthi izinhlaka ziphendule uma zingenzi kahle.
“Kumele kuqhanyukwe ezinqumo-mgomo ezintsha ezizokwenza ukulumeni sebenze ngendlela engabandlululi futhi eqinisekisa kuthi isizukulwane esizayo sizophila endaweni enozinzo,” kusho uHlabisa.







