Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Uthole ingane yomfana owesifazane obelethiswe yizisebenzi zenxanxathela yezitolo

Uthole ingane yomfana owesifazane obelethiswe yizisebenzi zenxanxathela yezitolo

by | 12 January 2025

UBELETHE ngempumelelo owesifazane ofikelwe umuzwa wokuteta esenxanxatheleni yezitolo iHayfields eMgungundlovu ngeSonto ekuseni.

Kusize ukucabanga ngokushesha kwezisebenzi zale nxanxathela ezihlanganile zasiza lona wesifazane wateta ngempumelelo umfana owumqemaneni ngokusho kwabeMi7 Emeregency Medical Services ababizwe ngemuva kokuba lona wesifazane efikelwe wumuzwa wokuteta.

Kubikwa ukuthi ngesikhathi befika kule nxanxathela ingane yomfana ibisivele itetiwe.

“Lokhu kwenzeke ngempumelelo ngosizo lwezisebenzi zale nxanxathela ezihlanganile zasiza lona wesifazane atete usana lwakhe. Kubikwa ukuthi lolu sana lubelethelwe ezindlini zokugezela kule nxanxathela.

Abakwa-Mi7 bathe lezi zisebenzi zenze umsebenzi oncomekayo zibelethisa lona wesifazane njengoba ziphinde zahlenga nempilo yalolu sana ngokuqaqa inongwane ebisongeke ngayo emqaleni.

Baqhube ngokuthi bakwazile ukufika basheshe baxilonge isimo salona wesifazane nosana ukuqinisekisa isimo sempilo yabo ngaphambi kokuthi badluliselwe esibhedlela ukuthola okunye ukunakekeleka.

Baveze ukuthi bobabili unina nosana basesimweni esikahle sezempilo.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...