Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Wayefisa ukuba ngudokotela uPhakelumthakathi

Wayefisa ukuba ngudokotela uPhakelumthakathi

by | 1 April 2026

UFISA ukubona abantu bakuleli bevelela kwezambhizinisi uMnu Nkosikhona “Phakelumthakathi” Ndabandaba (45), osematheni kulezi zinsuku njengoba esemkhankasweni wokukhuculula abokufika abangenazimvume zokuba kuleli.  

UNdabandaba, ongowokudabuka KwaMandlakazi, KwaNongoma, ubekhuluma neLANGA,elichazela kabanzi ngohambo lwakhe lwaseTaiwan, abeluthathe emasontweni edlule. Uthi kulolu hambo lukhulu alufundile, olungathuthukisa impilo yabantu baKwaNongoma, ikakhulukazi intsha. 

Ezinkundleni zokuxhumana abantu abaningi bebeshayisana ngamakhanda, befisa ukwazi ukuthi le nsizwa ifike kanjani eTaiwan, futhi ibiyokwenzani. 

UCACISA NGOHAMBO LWASE-TAIWAN
UNdabandaba uthi kulolu hambo ulekelelwe nguMnu Gugulethu Xaba, ongumnikazi wenhlangano ethuthukisa osomabhizinisi abasafufusa, i-Amandla Omnotho Group. 

Ubudlelwano bakhe noMnu Xaba uthi busuka kudala, njengoba babesemkhankasweni wokufundisa abantu ngokonga imali, besebenzisa izitokofela. Uthi kukhona nabanye osomabhizinisi abaphonsile esivivaneni okubalwa noMnu Malusi Zondi ‘onguShansela’ wesizwe saKwaZulu.

“Kulolu hambo kuningi umuntu akufundile, okuzohlomulisa umphakathi wakwaNongoma. Phakathi kwezinto ezingazuzwa ngabantu abasha, wukuba bafakelwe ama-computer kwezinye izingxenye zaKwaNongoma, bakwazi ukuzenzela izinto ezizothuthukisa ikusasa labo,” esho.

Uncome kakhulu izwe laseTaiwan, athi abantu bakhona benza isiqiniseko sokuthi wonke umuntu ufaka umnotho ezweni, kanti uthi lihlanzeke ngokwedlulele. 

UKUNGENA KWAKHE EZINTWENI EZITHINTA AMASIKO AKWAZULU
UNdabandaba waziwa kakhulu ngokugqugquzela ukugcinwa kwamasiko akwaZulu. Uphinde abe yiyekela lomdidiyeli wamabutho aKwaMandlakazi. Uthi uthando lokwazi kabanzi ngomlando wakwaZulu, lwatshaleka kuye ngesikhathi eneminyaka ewu-9.

“kunesikhathi lapho engangihlala khona nekhehla elalingaboni, uMnu Menyanyeni Zulu, elaliyingxenye yomkhandlu wenkosi. Ngesikhathi ngineminyaka ewu-9, yilo leli khehla elangihambisa kuMntwana waKwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi.

“Ngaleso sikhathi, yimi owayeliphelezela uma liya emkhandlwini wenkosi, ngaqala lapho ukufunda nokuba nothando lwezinto ezithinta ubukhosi nokuba ngumZulu,” esho.

Uthi kusuka kuleyo minyaka, akaphindanga wahlukana nezimfundiso zakwaZulu njengoba esekugqugquzela nasebantwini abasha ukugcinwa komlando wakwaZulu. 

UKUZALWA KWAKHE
Le nsizwa idabuka esigodini sasoBonjeni, kwaNongoma, izalwa nguMaNxumalo odabuka enyalazi, eMtubatuba. Izalwe ngoNhlangulana (June 28). Ngeshwa ithi yasheshe yashiywa ngabazali. 

UPhakelumthakathi uthi unina wamshiya eneminyaka ewu-5, uyise wadlula emhlabeni eneminyaka ewu-12. Uzalelwe esithenjini, unina wayeyinkosikazi yesihlanu kuyise obenamakhosikazi ayisihlanu. Uthi sezizonke izingane ezizalwa nguyise, ziwu-48. 

Ngenxa yokuba ngumuntu osemehlweni abantu, uthi uyaye akhethe ukuwufihla umndeni wakhe, ukuze ungeke uphazamiseke ezintweni zawo ngenxa yemisebenzi yakhe. Uthi ngemuva kokudlula emhlabeni kwabazali bakhe, uhlale noninalume eMtubatuba, okuyilapho akhulele khona ngaphambi kokuya KwaNongoma.

Le nsizwa izwakala ngisho uxoxa nayo ukuthi ikhaliphile, futhi iyazethemba. Ithi nasesikoleni yayikhaliphile kakhulu, yayihlale iphuma phambili kwiMaths, nakwezinye izifundo. Ithi yayifisa ukuba ngudokotela isakhula, kodwa iphupho layo langafezeka ngenxa yezingqinamba eyabhekana nazo isiqede umatikuletsheni, eyawuphasa ngamalengiso.

UMSEBENZI AWENZA NJENGAMANJE
Okunye abantu abebeshayisana ngamakhanda ngakho ngale nsizwa ezinkundleni zokuxhumana, wukwazi ukuthi yenza msebenzi muni. Babodwa abebeyikhomba ebuthisheleni, abanye beyiyamanisa noMasipala waKwaNongoma, abanye bethi iwu-plumber

UNdabandaba utshele leli phephandaba ukuthi uqashwe wuMasipala waKwaNongoma njengePound Officer, akuchaze ngokuthi wukubhekelela ukungena kwemfuyo edolobheni.   Uthi ngale kwalokho, uhweba ngemfuyo.

“Ngiphinde ngilingise. Nokho kulokho ngixoshwa wukulingisa izindawo ezifana nokuqabulana noma ukwenza ucansi, ngoba lokho kuphambene nenkolo yami. Yize kunjalo, ukulingisa ngiyakuthanda kakhulu,” esho.

OKUNYE NGOPHAKELUMTHAKATHI
Uthi unezingoduso ezimbili, uKaMavundla waseHarding ebukhosini bakwaMbotho, noMaSibiya wasoGedleni, oPhongolo. uthi unezingane eziningi – akathandanga ukusho ukuthi zingaki. 

Uthi ngemuva kokuphothula umatikuletsheni, wafundela iMarketing Management, e-Icesa, eThekwini, waphinde wafundela umsebenzi wokuba yi-Geyser Technician. 

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...