Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kunyamalale ufakazi sekumele agibele ebhokisini kwelowabulawa esolwa ngokweba

Kunyamalale ufakazi sekumele agibele ebhokisini kwelowabulawa esolwa ngokweba

by | 17 November 2024

SKHOSIPHI MTHEMBU 

UNGENWE ngamanzi emadolweni maqede wathi galo yephuka ufakazi oqandula ikhanda ecaleni lokubulawa kowesilisa wagqitshwa emfuleni ngoba esolwa ngokweba. NgoLwesine, kuphoqeleke ukuba icala lisheshe liguqe eNkantolo yesiFunda uMgungundlovu emuva kokunyamalala kukafakazi (esiligodlile igama lakhe).

Lo fakazi wasinda bebulawa nomufi, uMnu Mboniseni Shazi (osesithombeni), mhla ka-17 kuMarch wonyaka odlule KwaDambuza, eMgungundlovu. Bahlaselwa ngoba besolwa ngokweba izimpahla kubo komunye wabasolwa. Kulesi sigameko, kuboshwe abesilisa abawu-5; okunguMnu Guzula Ntuthuko Mbudu, uMnu Thubelihle Mthiyane, uMnu Samukelo Gogela, uMnu Ntsizi Thuso no-Mnu Luthando Radebe. Bonke babhekene necala lokubulala, elokuzama ukubulala nawokuthumba. 

Kusolwa ukuthi abamangalelwa bashaya uShazi waze washona, basonga isidumbu sakhe ngengubo bamfaka ebhaleni. Kuthiwa sebeqedile, babuyela kufakazi owayeshaywa nomufi, bamdubula maqede bayomlahla ehlathini, bamshiya bezitshela ukuthi ufile. Kuthiwa waphaphama, wathola usizo. Isidumbu sikaShazi saze satholakala ngemuva kwamasonto amathathu sesonakele. 

NgoLwesine bekulindeleke ukuba ufakazi enabele inkantolo ngokwenzeka ngesikhathi behlaselwa. Kwale ngisho inkantolo isimise kancane ukuqhubeka kwecala ngehloso yokuba athungathwe, kodwa lutho ukumthola. Kugcine kubizwa uMnu Andile Ngcobo ukuba azokwethula obakhe ubufakazi njengoba kuthiwa wazibonela laba beshaywa. Utshele abebesenkantolo ukuthi wafica umufi nofakazi beboshwe izandla ngentambo, beshaywa kanzima. 

Uveze ukuthi abamangalelwa babesebenzisa imvubu nenduku. Uthe uMthiyane ongummangalelwa wesibili, nguyena owayeshaya, uMbudu noRadebe babebathela ngamanzi. Uqhube wathi wambuza umufi njengoba wayemjwayele ukuthi akazikhiphi ngani izimpahla, wathi akazazi. Uthe waya kubo kamufi, kodwa wafika kuvaliwe, wabikela umakhelwane wakhona ukuthi atshele umndeni wakhe ukuthi umbone eshaywa kanzima. Ummeli wabamangalelwa, uMnu Andile Nodabula, uthe amakilayenti akhe ayakuphika okushiwo nguNgcobo. Uthe athi  wayephuzile ngalolu suku, yingakho enga-bonanga kahle okwakwenzeka, kangangoba nezimpahla ababezigqokile akazibonanga. Icala liyaqhubeka. 

skhom@ilanganews.co.za 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...