Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuzohlomula umphakathi ngokunqamuka kwegoda leSimangaliso ne-Ezemvelo KZN

Kuzohlomula umphakathi ngokunqamuka kwegoda leSimangaliso ne-Ezemvelo KZN

by | 14 November 2025

ZICACISE amahebezi engxabano okuthiwa iholele ekuhlukaneni kwazo izinhlaka zikahulumeni ezibhekelele ukongiwa kwemvelo okuyiSimangaliso Wetland Park Authority ne-Ezemvelo KZN Wildlife.

Kusabalale amahebezi athi kube nokungaboni ngasolinye, okuholele ekuxabaneni kwazo ngemuva kokugqashuka kwegoda lokusebenzisana leminyaka engaphezu kuka-20. Izikhulu eziphezulu zalezi zinhlaka okunguMnu Sibusiso Bukhosini, owengamele iSimangaliso, noMnu Sihle Mkhize, owengamele Ezemvelo, zithi kungamampunge ukuthi kukhona ukungezwani okuphakathi kwalezi zinhlaka.

“Ngesikhathi kusungulwa iSimangaliso eminyakeni eyedlule, abe-Ezemvelo babevele bekhona besebenza. Kwabe sekusayinwa isivumelwano sokusebenzisana phakathi kwalezi zinhlaka. Lesi sivumelwano sasithi i-Ezemvelo, eyabe inesipiliyoni somsebenzi nokuphatha ezithinta ezokuvakasha, izolekelela iSimangaliso size sibe namandla okuzimela. Njengamanje sesikuleso sigaba, sokuthi sinikezele kwiSimangaliso okungokwaso,” kusho uMkhize.

UBukhosini uveze ukuthi kuzohlomula amalungu omphakathi ngokunqanyulwa kwalesi sivumelwano.


“Angikucacise ukuthi thina nabeZemvelo asixabene, sizoqhubeka sisebenzisane kokunye okuningi okuthinta ukongiwa kwemvelo. Kulezi ezingamabhizinisi esezibuyiselwa kithi, sizoqashisa ngazo kosomabhizinisi abayizingcweti kwezokuphathwa kwamahhotela nama-lodge ukuze ziqhubeke zisebenze, nathi njengeSimangaliso siqhubeke senze inzuzo.

“Imiphakathi esiyakhele izohlomula kakhulu nakwezamabhizinisi. Okuqala esizokwenza wukuthi sihlonze osomabhizinisi bendawo abazobhekelela konke okuthinta ukwenziwa kwelondolo yezindawo esizoziqashisa. Imishini yokwenza lokho sesiyithengile, sizoyidlulisela kubo uma sesibahlonzile. Labo somabhizinisi bazoqasha namanye amalungu omphakathi,” kuchaza uBukhosini.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...