Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuzohlomula umphakathi ngokunqamuka kwegoda leSimangaliso ne-Ezemvelo KZN

Kuzohlomula umphakathi ngokunqamuka kwegoda leSimangaliso ne-Ezemvelo KZN

by | 14 November 2025

ZICACISE amahebezi engxabano okuthiwa iholele ekuhlukaneni kwazo izinhlaka zikahulumeni ezibhekelele ukongiwa kwemvelo okuyiSimangaliso Wetland Park Authority ne-Ezemvelo KZN Wildlife.

Kusabalale amahebezi athi kube nokungaboni ngasolinye, okuholele ekuxabaneni kwazo ngemuva kokugqashuka kwegoda lokusebenzisana leminyaka engaphezu kuka-20. Izikhulu eziphezulu zalezi zinhlaka okunguMnu Sibusiso Bukhosini, owengamele iSimangaliso, noMnu Sihle Mkhize, owengamele Ezemvelo, zithi kungamampunge ukuthi kukhona ukungezwani okuphakathi kwalezi zinhlaka.

“Ngesikhathi kusungulwa iSimangaliso eminyakeni eyedlule, abe-Ezemvelo babevele bekhona besebenza. Kwabe sekusayinwa isivumelwano sokusebenzisana phakathi kwalezi zinhlaka. Lesi sivumelwano sasithi i-Ezemvelo, eyabe inesipiliyoni somsebenzi nokuphatha ezithinta ezokuvakasha, izolekelela iSimangaliso size sibe namandla okuzimela. Njengamanje sesikuleso sigaba, sokuthi sinikezele kwiSimangaliso okungokwaso,” kusho uMkhize.

UBukhosini uveze ukuthi kuzohlomula amalungu omphakathi ngokunqanyulwa kwalesi sivumelwano.


“Angikucacise ukuthi thina nabeZemvelo asixabene, sizoqhubeka sisebenzisane kokunye okuningi okuthinta ukongiwa kwemvelo. Kulezi ezingamabhizinisi esezibuyiselwa kithi, sizoqashisa ngazo kosomabhizinisi abayizingcweti kwezokuphathwa kwamahhotela nama-lodge ukuze ziqhubeke zisebenze, nathi njengeSimangaliso siqhubeke senze inzuzo.

“Imiphakathi esiyakhele izohlomula kakhulu nakwezamabhizinisi. Okuqala esizokwenza wukuthi sihlonze osomabhizinisi bendawo abazobhekelela konke okuthinta ukwenziwa kwelondolo yezindawo esizoziqashisa. Imishini yokwenza lokho sesiyithengile, sizoyidlulisela kubo uma sesibahlonzile. Labo somabhizinisi bazoqasha namanye amalungu omphakathi,” kuchaza uBukhosini.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...