Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ugwetshiwe owanukubeza indodakazi, wayithelela ngeHIV

Ugwetshiwe owanukubeza indodakazi, wayithelela ngeHIV

by | 31 January 2025

INKANTOLO yaseMangaung, eFree State, imgixabeze ngesigwebo sokudilikelwa yijele owesilisa (40) olahlwe yicala lokububeza ngokocansi indodakazi (16) angayizali, wayithelela ngegciwane lesandulela-ngculazi.

Kubikwa ukuthi umgilwa wehlelwa yilo mshophi ngo-2020, ngobusuku yena nodadewabo omncane belele emkhukhwini nomgwetshwa eBloemspruit, khona eFree State.

Kuthiwa unina wayengekho ngosuku lwesigameko njengoba ayelaliswe esibhedlela, ngenxa yokugula. 

Isisulu sabikela isihlobo ngalolu daba, kwavulwa icala esiteshini samaphoyisa, ladluliselwa ophikweni lwamaphoyisa aphenya amacala athinta udlame lwasemindenini, ukuhlukunyezwa ngokocansi kwabesifazane nezingane emiphakathini.

Ithumba labhoboka ngesikhathi isisulu sibanjwe wukugula, okwathi uma sihlolwa igazi kwatholakala sinaleli gciwane, okuyilapho khona sabe sesibhoboka ukuthi sanukubezwa nguyise.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...