Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ugwetshiwe owanukubeza indodakazi, wayithelela ngeHIV

Ugwetshiwe owanukubeza indodakazi, wayithelela ngeHIV

by | 31 January 2025

INKANTOLO yaseMangaung, eFree State, imgixabeze ngesigwebo sokudilikelwa yijele owesilisa (40) olahlwe yicala lokububeza ngokocansi indodakazi (16) angayizali, wayithelela ngegciwane lesandulela-ngculazi.

Kubikwa ukuthi umgilwa wehlelwa yilo mshophi ngo-2020, ngobusuku yena nodadewabo omncane belele emkhukhwini nomgwetshwa eBloemspruit, khona eFree State.

Kuthiwa unina wayengekho ngosuku lwesigameko njengoba ayelaliswe esibhedlela, ngenxa yokugula. 

Isisulu sabikela isihlobo ngalolu daba, kwavulwa icala esiteshini samaphoyisa, ladluliselwa ophikweni lwamaphoyisa aphenya amacala athinta udlame lwasemindenini, ukuhlukunyezwa ngokocansi kwabesifazane nezingane emiphakathini.

Ithumba labhoboka ngesikhathi isisulu sibanjwe wukugula, okwathi uma sihlolwa igazi kwatholakala sinaleli gciwane, okuyilapho khona sabe sesibhoboka ukuthi sanukubezwa nguyise.

Ezisematheni

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...