Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuphela iminyaka ewu-14 kwenzeka isibhicongo saseMarikana

Kuphela iminyaka ewu-14 kwenzeka isibhicongo saseMarikana

by | 16 August 2025

ISIBHICONGO saseMarikana esashiya abavukuzi abangu-34 beshonile, abangu-78 balimala kanzima, abangu-250 baboshwa, siyohlale siwumlando eNingizimu Afrika.

Lesi sibhicongo senzeka ngomhla ka-16 kuNcwaba (August) ngo-2016, njengoba namuhla ngoMgqibelo kuzobe kuphela iminyaka engu-14 senzeka. Abavukuzi ababeqashwe yiLonmin Mine, eNorth West, babesesitelekeni bengafuni ukungena emagcekeni emayini.

Bancamela ukuyoqhingqa entabeni ebizwa ngeKoppie. Isimo saqala ukushuba ngesikhathi kufika amaphoyisa ngaphansi kwentaba, baqala bawajikujela ngamatshe.

Amaphoyisa ngesikhathi kunekhomishini eyayiphenya ngesibhicongo saseMarikana, athi adubula ngoba ezivikela. Abavukuzi laba iningi labo okwakungabantu abadabuka e-Eastern Cape, kwakungamalungu eNational Union for Miners (NUM), kodwa ngemuva kwesibhicongo, bashintsha bajoyina i-AMCOR, eyasungulwa nguMnu Joseph Mathunjwa.

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...