Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuphela iminyaka ewu-14 kwenzeka isibhicongo saseMarikana

Kuphela iminyaka ewu-14 kwenzeka isibhicongo saseMarikana

by | 16 August 2025

ISIBHICONGO saseMarikana esashiya abavukuzi abangu-34 beshonile, abangu-78 balimala kanzima, abangu-250 baboshwa, siyohlale siwumlando eNingizimu Afrika.

Lesi sibhicongo senzeka ngomhla ka-16 kuNcwaba (August) ngo-2016, njengoba namuhla ngoMgqibelo kuzobe kuphela iminyaka engu-14 senzeka. Abavukuzi ababeqashwe yiLonmin Mine, eNorth West, babesesitelekeni bengafuni ukungena emagcekeni emayini.

Bancamela ukuyoqhingqa entabeni ebizwa ngeKoppie. Isimo saqala ukushuba ngesikhathi kufika amaphoyisa ngaphansi kwentaba, baqala bawajikujela ngamatshe.

Amaphoyisa ngesikhathi kunekhomishini eyayiphenya ngesibhicongo saseMarikana, athi adubula ngoba ezivikela. Abavukuzi laba iningi labo okwakungabantu abadabuka e-Eastern Cape, kwakungamalungu eNational Union for Miners (NUM), kodwa ngemuva kwesibhicongo, bashintsha bajoyina i-AMCOR, eyasungulwa nguMnu Joseph Mathunjwa.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...