
‘KUPHOQE ukuba siyeke ekolishi’ isisulu okuthiwa sanukubezwa ngumelaphi wendabuko ‘obeyosigeza’ emfuleni, esigamekweni okuthiwa senzeka e-Appelsbosch ngonyaka ophelile.
Lokhu kuvele ngesikhathi ILANGA likhuluma nomndeni wesisulu (21) eligodliwe igama laso ukusivikela, ngaphandle kweNkantolo yesiFunda saseMgungundlovu, ngesikhathi kuqhubeka ukuqulwa kwecala lalo melaphi, uMnu Simosakhe Masuku, ngoLwesine.
Umndeni uveze ukuthi isisulu ebesenza unyaka wokuqala ekolishi Elangeni, ophikweni lwase-Appelsbosch, eBhamshela, kuphoqe ukuba sibuyele kubo ngemuva kokudedelwa kukaMasuku ngebheyili, ngoba sesaba. Ngesikhathi kuqala icala, isisulu sigibele ebhokisini lofakazi, salandisa iMantshi uMnu Sello Maboee ngesithi kwenzeka kuso.
Sithi sashayelwa ucingo ngumngani waso esitshela ngephupho elibi aliphuphile, wasicela ukuba siyobona umelaphi wendabuko. Sithi sabe sesibuza ngomelaphi wendabuko oseduze kubantu bendawo, sayalelwa uMasuku.
“Ngacela udadewethu ozalwa ubaba omncane ebesihlala naye endlini, naye ongumfundi wasekolishi, ukuba angiphelezele ngiyohlola kwaMasuku. Sesifikile wangihlolela, wangitshela ukuthi kunomuntu owamba ithuna wangibelethisa isilwane esibi. Wathi kufanele ngiyogeza emfuleni. Wathi uma sengiyogeza kuzodingeka inyama ebomvu, iCoca Cola nenkukhu,” sisho.
Sithi safonela unina simchazela ngohambo lwaso, wabe esesifakela imali yokuthenga okwakudingeka. Sivukwe umunyu, sakhala, kwaphoqa ukuba inkantolo ithathe ikhefu ngesikhathi sichaza “ngokunukubezwa kwaso” emfuleni. Sithi sasihamba nodadewabo owayalelwa ukuba asale ngemuva, ukuze isilwane esasiyogezwa singasuki kuso sihlale kuye.
“Sesifikile emfuleni wangiyalela ukuba ngikhumule konke engangikugqokile ngingene emanzini, waqala ukungigeza. Eseqedile wangibuza ukuthi ikhona yini into engiyizwa esinyeni, ngavuma. Wangitshela ukuthi nginenyoka esibelethweni ekufanele ayikhiphe ngoba uma ingakhishwa, ngeke iphele inyanga ngiphila. Wakha amanzi khona emfuleni wangiphalazisa, kwathi uma kungaphumi lutho wawafaka ebhakedeni walibeka eduze kwesihlahla wathi angiyoncika kuso ngigxamalazele ibhakede, bese ngizama ukuyidonsa (inyoka) ngokufaka isandla esithweni sami sangasese,” sichaza.
Sithi sabona ummangalelwa egobe eduze kwamanzi, ebeke isandla endlebeni kungathi kukhona akulalele, wabe esesondela kuso wasitshela ukuthi ubelalele ugogo waso (isisulu), osicele ukuba enze into enzima kakhulu ukuze kusinde umzukulu wakhe.
“Wathi uthi ugogo ucela senze ucansi ukuze inyoka iphume kimi ingene kuye, wagcizelela ukuthi uma kungenzeki ngeke iphele leyo nyanga ngiphila. Walala phansi ekhumule ibhulukwe wathi angigibele phezu kwakhe, waqala-ke walala nami.
“Eseqedile wathi angiyogeza emfuleni, bese ngibuyela emotweni esasihamba ngayo eyayibuqamama. Ngesikhathi eseqedile wa-yezibambe isisu, exhuga ethi inyoka isingene kuye. Ngingakafiki emotweni, ngambona esengemuva kwami esehamba eshesha, wangibuza ukuthi angavuma yini umama uma engangenza inkosikazi yakhe,” esho.
Uthi babuyela esigodlweni salo melaphi, wamnika eminye emithi, wamyalela ukuba abuye ngakusasa ayolanda omunye. Isisulu sithi saxoxela udadewabo, owakhuza umhlola. Sithi ntambama ngalolo suku, kwafona unina esibuza ngohambo lwaso, okwathi uma simtshela okwenzekile, wakhala ebabaza.
Sithi kwabe sekufika uyise nomngani wakhe oyiphoyisa, kwayovulwa icala ngalo lolo suku, sahanjiswa kwadokotela owakuqinisekisa ukuthi sinukubeziwe njengoba sasingakagezi. Umndeni wesisulu uthi lesi sigameko siwuhlukumeze kakhulu. Unina omncane wesisulu uthi ku-phoqe ukuba singabe sisabuyela ekolishi.
“Ummangalelwa uke wenza imizamo yokuthi icala lisulwe, ethe-mbisa ukuthi uzokhokha noma ngabe yimalini esiyifunayo. Esikufunayo wukuthola ubulungiswa. Ingane imoshakalelwa yikusasa, yayeka nesikole ngoba ibihlale imbona ummangalelwa endaweni ngemuva kokudedelwa ngebheyili. Sinethemba lokuthi lokho ku-zokwenzeka njengoba icala selize lafika kulesi sigaba,” esho.
Inhlangano yabelaphi bendabuko, iKwaZulu-Natal Traditional Healers Practitioners, esiFundeni saseMgungundlovu, ithumele enkantolo incwadi (ILANGA eliyibonile) ebibabaza umhlola, ichitha isenzo salo melaphi.
Umelaphi wendabuko uSolwazi Bhedlindaba Velaphi “VVO” Mkhize ukugxekile okuthiwa kwenziwa yilo melaphi, wathi kwaba yiphutha elikhulu ukuthi kube yilo melaphi ogeza isisulu. Uthi abelaphi bendabuko kabavumelekile ukugeza iziguli, kodwa okwabo wukuzihlanganisela ikhambi lokugeza, baziphelezele ziye emfuleni noma olwandle, baziyeke zizigeze ngokwazo.
ngubo@ilanganews.co.za







