Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Kuphenywa ngesigameko sokudutshulwa’ kwemoto kaMashatile

‘Kuphenywa ngesigameko sokudutshulwa’ kwemoto kaMashatile

by | 21 April 2025

AMAPHOYISA aphenya ngesigameko sokudutshulwa kwemoto eyayihamba usekela-mengameli, uMnu Paul Mashatile, ephuma emhlanganweni wesigungu esiphezulu se-ANC emasontweni edlule.

Ekhuluma nabezindaba izolo ngeSonto eMdlovana, ngesikhathi evakashele imishini yaKwaSizabantu, uMashatile uthe kulesi sigameko okuthiwa senzeka emgwaqweni u-N12, wayezitshela ukuthi ngamatshe lawa ayeshaya imoto ayehamba ngayo.

Uthi wayephuma emhlanganweni we-ANC owawubanjwelwe eBirchwood Hotel, eBoksburg.

“Kuthe uma ngifika ekhaya, abaqaphi bami bangitshela ukuthi umonakalo mkhulu kakhulu, ngeke amatshe amancane alimaze isibuko esingangeni ngisho inhlamvu ngale ndlela,” esho.

UMnu Keith Khoza, okhulumela uMashatile, naye usiqinisekisile lesi sigameko.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...