Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuphikwa ukuthi uMashatile uxhaphaze imali kahulumeni phesheya kwezilwandle

Kuphikwa ukuthi uMashatile uxhaphaze imali kahulumeni phesheya kwezilwandle

by | 13 June 2025

IHHOVISI leSekela Mengameli, uMnu Paul Mashatile liyayichitha imibiko yokuthi uMashatile uxhaphaze izizumbulu zemali kahulumeni evakashele phesheya kwezilwandle.


Leli hhovisi lithi ukuvakashela kukaMashatile emazweni aphesheya kwezilwandle kusuke kungekhona ukuthi uyotetemuka, kodwa usuke ehambe ngokomsebenzi kahulumeni, ejutshwe nguMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa.
Esitatimendeni sabezindaba esikhishwe nguMnu Keith Khoza okhulumela uMashatile, kubalulwe ukuthi inhloso yalokhu kuvakasha kusuke kuhloswe ngakho ukuqinisa ubudlelwano beNingizimu Afrika namanye, lobo budlelwano obuthinta ezomnotho, ipolitiki, nezohwebo njalo njalo – akukhona ukuthi usuke eyotetemuka.


Ohambweni lwakamuva uMashatile ubevakashele eFrance ngenyanga edlule, kanti ngoNdasa (March) wayekade evakashele eJapan.
Kulolu hambo lwaseJapan lulodwa, kubikwa ukuthi kusetshenziswe isamba esingaphezu kuka-R900 000, kukhokhelwa izindleko zendawo yokulala kuphela eyayiqashelwe uMashatile nenkosikazi yakhe. Lokhu kuvele empendulweni yombuzo obubuzwe yi-Action SA.


Kubikwa ukuthi kusukela ngonyaka odlule engene esikhundleni uMashatile, izindleko zokuvakashela kwakhe emazweni aphesheya kwezilwandle zibalelwa cishe ku-R8 million.
Phakathi kwezindawo aseke wavakasha kuzo kubalwa i-Ireland, United Kingdom, Botswana, Zimbabwe, Japan, neFrance.

Ezisematheni

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

INHLANGANO yamaBandla ezenkolo, iKwaZulu-Natal Christian Council (KCC), ithi izotshala izingqapheli ezingu 440, ukuqapha ukhetho esifundazweni. Esikhathini esingaphansi kwenyanga, kuzoba kuvotwa kulelizwe ngoba ukhetho loHulumeni baseKhaya, lungomhlaka 4 kuLwezi...

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

KUPHENYWA icala lokushona kwesalukazi esineminyaka engu-72, okutholwe isidumbu saso sesonakele emzini waso, eLovu ngaseManzimtoti. Umufi uNkz Gloria Mashila kusolakala ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili eshonile. Indodana yakhe uMnu Jomo Mashila (44) okusolakala...

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya ngesigameko sokudutshulwa komholi we-African National Congress (ANC), maphakathi neKwaZulu-Natal. UMnu Samora Ndlovu (43), owake waba yiMeya yaseRichmond, waba futhi nguNobhala we-ANC eMoses Mabhida Region (eMgungundlovu), udutshulwe...