Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuphikwa ukuthi uMashatile uxhaphaze imali kahulumeni phesheya kwezilwandle

Kuphikwa ukuthi uMashatile uxhaphaze imali kahulumeni phesheya kwezilwandle

by | 13 June 2025

IHHOVISI leSekela Mengameli, uMnu Paul Mashatile liyayichitha imibiko yokuthi uMashatile uxhaphaze izizumbulu zemali kahulumeni evakashele phesheya kwezilwandle.


Leli hhovisi lithi ukuvakashela kukaMashatile emazweni aphesheya kwezilwandle kusuke kungekhona ukuthi uyotetemuka, kodwa usuke ehambe ngokomsebenzi kahulumeni, ejutshwe nguMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa.
Esitatimendeni sabezindaba esikhishwe nguMnu Keith Khoza okhulumela uMashatile, kubalulwe ukuthi inhloso yalokhu kuvakasha kusuke kuhloswe ngakho ukuqinisa ubudlelwano beNingizimu Afrika namanye, lobo budlelwano obuthinta ezomnotho, ipolitiki, nezohwebo njalo njalo – akukhona ukuthi usuke eyotetemuka.


Ohambweni lwakamuva uMashatile ubevakashele eFrance ngenyanga edlule, kanti ngoNdasa (March) wayekade evakashele eJapan.
Kulolu hambo lwaseJapan lulodwa, kubikwa ukuthi kusetshenziswe isamba esingaphezu kuka-R900 000, kukhokhelwa izindleko zendawo yokulala kuphela eyayiqashelwe uMashatile nenkosikazi yakhe. Lokhu kuvele empendulweni yombuzo obubuzwe yi-Action SA.


Kubikwa ukuthi kusukela ngonyaka odlule engene esikhundleni uMashatile, izindleko zokuvakashela kwakhe emazweni aphesheya kwezilwandle zibalelwa cishe ku-R8 million.
Phakathi kwezindawo aseke wavakasha kuzo kubalwa i-Ireland, United Kingdom, Botswana, Zimbabwe, Japan, neFrance.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...